Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 97:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo bajabhile, abazincoma ngezithombe; nimkhonze, onkulunkulu bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo, abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo mabajabhe, labo abazigabisa ngezithombe. Bonke onkulunkulu bakhothame phambi kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 97:7
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amaphiko ala makherubi elu izingalo ezingamashumi amabili; ema ngezinyawo zawo, ubuso bawo bubheke ngaphakathi.


Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, noma umfanekiso wokusezulwini phezulu, nokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba.


Amakherubi ayakwelula amaphiko awo phezulu, asibekele isihlalo somusa ngamaphiko awo, ubuso bawo bubhekane; emva kwesihlalo somusa kuyakuba ubuso bamakherubi.


Bheka, bonke bayize; imisebenzi yabo iyize, izithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nesiphithiphithi.


Bazabuyiselwa emuva, bajabhe kakhulu abathembela ezithombeni ezibaziweyo, abathi ezithombeni ezibunjiweyo: Lingonkulunkulu bethu.


ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, ukhiphe iziboshwa etilongweni nabahlezi ebumnyameni etilongweni.


Bayokuma benamahloni futhi beme benamahloni, bonke;


Wonke umuntu unesibindi ekwazini kwakhe; bonke abakhandi bajabhiswa ngesithombe esibaziweyo, ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.


Njengalokhu isela lijabha lapho lifunyanwa, kanjalo indlu yakwa-Israyeli inamahloni; bona, namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo,


Aniyikuzenzela izithombe nezithombe ezibaziweyo, ningazimiseli izithombe ezibaziweyo, ningagxumeki izithombe zamatshe ezweni lakini ukuba nizikhothamele; ngoba nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Uqalekisiwe umuntu owenza noma yisiphi isithombe esibaziweyo noma esibunjiweyo, into enengekayo kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asibeke endaweni ecashile. Futhi bonke abantu kumelwe baphendule bathi: Amen!


Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, noma umfanekiso wokusezulwini phezulu, nokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba.


Futhi lapho eseletha olizibulo emhlabeni, uthi: Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.


Akwambulwa kubo ukuthi babengazikhonzi bona, kodwa bakhonza thina ngalezo zinto esezishunyayelwa kini ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe ezulwini; okuyizinto izingilosi ezifisa ukuzibona.


Kwathi sebeqedile e-Ashidodi ekuseni kakhulu, bheka, uDagoni wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova. Basebemthatha uDagoni bambuyisela endaweni yakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka