Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 9:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ukhuzile abezizwe, wababhubhisa ababi, igama labo walesula kuze kube phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ujezisile abezizwe, wabhubhisa ababi; igama labo ulesulile kuze kube phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Uzijezisile izizwe, wachitha izikhohlakali, walishabalalisa igama lazo ingunaphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 9:5
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, waya endlini yakhe emzini wakubo, wayala indlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


ukuphindisela kwabezizwe, lokujezisa ezizweni;


Kungani abezizwe bexokozela, nabantu bacabange okuyize na?


Uyakubhubhisa abakhuluma kabi; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nokhohlisayo.


Uma engaphenduki, uyolola inkemba yakhe; wawucima umnsalo wakhe wawulungisa.


Waxosha izizwe phambi kwabo, wabahlukanisela ifa ngomugqa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


Bangasho ngani abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” kakwaziwe phakathi kwezizwe phambi kwamehlo ethu ngokuphindisela kwegazi lezinceku zakho elachithwa.


Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisiwe, kodwa ibizo lababi lizabola.


Ukukhanya kolungileyo kuyathokoza, kepha isibani sababi siyacima.


Ngiyakubeka isihlalo sami sobukhosi e-Elamu, ngichithe khona inkosi nezikhulu,” usho uJehova.


O Nkosi, wena wamela izindaba zomphefumulo wami; Uhlengile impilo yami.


Niyakunyathela ababi; ngokuba bayakuba njengaphansi kwamathe ezinyawo zenu mhla ngenza lokhu,” usho uJehova Sebawoti.


Mangime, ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu; ngiyakukwenza ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.


Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, azibusa ngentonga yensimbi, unyathela isikhamo sewayini solaka nolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


UDavida wasesithi kuAbigayili: Kayibusiswe iNKOSI, uNkulunkulu kaIsrayeli, okuthumileyo lamuhla ukungihlangabeza.


UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova owamela icala lami lokuhlanjalazwa esandleni sikaNabali, wayisindisa inceku yakhe ebubini; ngoba uJehova ulobubi bukaNabali ekhanda lakhe. UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo; funa laba abangasokile bafike bangibhoboze bangithuke. Kodwa umthwali wezikhali zakhe wala; ngoba wayesaba kakhulu. Ngakho uSawule wathatha inkemba wawela phezu kwayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka