Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 89:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Khona-ke wakhuluma koNgcwele wakho embonweni wathi: “Nginikeze usizo olunamandla; ngiphakamisile okhethiweyo phakathi kwabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi: “Ngibekile usizo eqhaweni, ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kwabethembekileyo bakho, wathi: “Ngimsizile onamandla, ngimphakamisile okhethwe phakathi kwabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 89:19
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Futhi futhi indoda enesibindi enhliziyo yayo injengenhliziyo yengonyama, iyoncibilika ngokuphelele; ngoba wonke u-Israyeli uyazi ukuthi uyihlo uyiqhawe nokuthi labo abanaye bangamadoda anamandla.


Kodwa ngeke ngiwususe wonke umbuso esandleni sakhe, kodwa ngokuqinisekile ngizombeka abe yisikhulu zonke izinsuku zokuphila kwakhe ngenxa kaDavide inceku yami engiyikhethile, ngoba yagcina imiyalo yami nezimiso zami.


Ngambiza uJehova ngezwi lami, wangizwa esentabeni yakhe engcwele. Sela.


Izinyembezi zami zazingukudla kwami imini nobusuku, lapho bethi kimi njalo: Uphi uNkulunkulu wakho?


Ngenza isivumelwano nabakhethiweyo bami, ngafunga encekwini yami uDavide,


Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


Izikhulu zabo ziyophuma kubo, umbusi wabo aphume phakathi kwabo; ngiyakumsondeza, asondele Kimi; kusho uJehova.


Esithi: Ake siyeke; Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani, ungoNgcwele kaNkulunkulu.


Njengoba akhuluma ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, ababekhona kusukela endulo.


Ngokuba isiprofetho asifikanga endulo ngentando yomuntu, kepha abantu abangcwele bakaNkulunkulu bakhuluma beqhutshwa nguMoya oNgcwele.


ukuze likhumbule amazwi akhulunywa ngaphambili ngabaprofethi abangcwele, lomlayo wethu thina baphostoli beNkosi loMsindisi;


Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi; “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu; avale kungavuli muntu;


UJehova wasesithi kuSamuweli: Koze kube nini ulilela uSawuli, mina ngimalile ukuthi abuse phezu kukaIsrayeli? Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe, ngiyakuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizilungisele inkosi phakathi kwamadodana akhe.


Yasiphendula enye yezinceku, yathi: “Bheka, ngabona indodana kaJese waseBetlehema ehlakaniphileyo ekudlaleni, nendoda enamandla, neqhawe, ehlakaniphileyo emsebenzini, nenhle; futhi uJehova unaye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka