Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 82:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Koze kube nini nahlulela ngokungenabulungisa futhi nijabulisa abantu ababi? Sela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Koze kube nini nahlulela ngokungalungile nikhetha ubuso bababi na? Sela*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Kuyoze kube nini nehlulela ngokungalungile, nenzelela izikhohlakali na? Sela

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 82:2
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Eliya wayesesondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimi phakathi kwenhliziyo ezimbili na?” uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni; kepha uma kunguBali, mlandeleni. Isixuku asimphendulanga ngazwi.


Ngakho ukumesaba uJehova makube phezu kwenu; Qaphelani, nikwenze, ngokuba akukho bubi kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso nokwamukela izipho.


Mangingakhethi ubuso bamuntu, futhi ngingavumi ukuthopha umuntu.


Kangakanani-ke ngongamukeli ubuso bezikhulu, futhi ongabheki ocebile kunompofu? ngoba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Koze kube nini niceba okubi ngomuntu? niyakubulawa nonke; njengodonga olugobayo nanjengothango oludilikayo.


OMose no-Aroni bafika kuFaro, bathi kuye: “Isho kanje iNkosi uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ithi: Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? yekela abantu bami bahambe, ukuze bangikhonze.


Kakukuhle ukwamukela ubuso bomubi, ukuwisa olungileyo ekwahluleleni.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Makube kinina zikhulu zakwa-Israyeli: susani ubudlova nempango, nenze ukwahlulela nokulunga, nisuse ukuqhubeka kwenu kubantu bami, isho iNkosi uJehova.


Ningenzi okubi enkantolo; ungahloniphi ubuso bompofu, ungahloniphi umuntu onamandla; kodwa kufanele wahlulele umakhelwane wakho ngobulungisa.


UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? koze kube nini nginibekezelela? mletheni lapha kimi.


Kodwa kulaba abathi banje, (loba babeyini, kakunandaba kimi, uNkulunkulu kakhethi ubuso bamuntu;


Ningakhethi abantu ekwahluleleni; kepha niyakuzwa omncane nomkhulu; akufanele wesabe ubuso bomuntu; ngoba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; necala elinisindayo nililethe kimi, ngilizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka