Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 78:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu, benqaba ukuhamba emthethweni wakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu, benqaba ukuhamba emthethweni wakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Kabasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu, benqaba ukuhamba ngomthetho wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 78:10
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Akavumanga ukulalela, akacabanganga ngezimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo; kepha wena wazenza lukhuni izintamo zabo, wabeka umbusi ekuhlubukeni kwabo ukuba babuyele ebugqileni babo; kepha Wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe, obhekakade, nomusa omkhulu, futhi awuzange ubalahle.


INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lisala ukugcina imilayo yami lemithetho yami?


Kungenjengesivumelwano engasenza laboyise mhla ngibabamba ngesandla ngibakhupha elizweni leGibhithe; ukuthi basephulile isivumelwano sami, nakuba ngangingumuntu kubo,” usho uJehova.


Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukwenza lokhu, okuthi, uma umuntu ekwenza lokhu, aphile ngazo; bawona amasabatha ami; ngase ngithi: Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ukuze intukuthelo yami iphumele phezu kwabo ehlane.


UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, wena uyakulala koyihlo; lababantu bayakusukuma baphinge nonkulunkulu babafokazi bezwe abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangilahle, baphule isivumelwano sami engasenza nabo.


Ngokuba uma ngibangenisa ezweni engalifungela oyise ngesifungo, elivame ubisi nezinyosi; bayakudla, basuthe, bakhuluphale; bese bephendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangigcone, bephule isivumelwano Sami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka