Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 77:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso; Umemezele amandla akho phakathi kwezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso; amandla akho uwazisile ezizweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso, amandla akho uwazisile ezizweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 77:14
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Cabanga ngezimangaliso zakhe azenzayo; izimangaliso zakhe nezahlulelo zomlomo wakhe;


Kodwa wabasindisa ngenxa yebizo lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe amakhulu.


Kuye yedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Abahlabeleli bangaphambili, nabashaya izinsimbi ngemuva; phakathi kwabo kwakukhona amantombazane adlala izigubhu.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, owenza izimangaliso yedwa.


Ngokuba wena umkhulu, wenza izimangaliso; Wena wedwa unguNkulunkulu.


Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza kamuva ithi: ‘Kuyini lokhu? uthi kuye: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, endlini yobugqila.


Ngubani onjengawe, Nkosi, phakathi kwawonkulunkulu? ngubani onjengawe, okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezindumiso, owenza izimangaliso, na?


Isandla sakho sokunene, Nkosi, sikhazimula ngamandla; Isandla sakho sokunene, Nkosi, sachoboza izitha.


Vuka, vuka, wembathe amandla, ngalo kaJehova! vuka, njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasendulo. Akuwena yini owagawula uRahabi, washaya udrako?


UJehova wembulile ingalo yakhe engcwele phambi kwamehlo azo zonke izizwe; futhi yonke imikhawulo yomhlaba iyakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.


Ngalokho ngiyaleza ukuba bonke abantu, nezizwe, nezilimi, abakhuluma okubi ngoNkulunkulu kaShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego, banqunywe izicucu, izindlu zabo zenziwe iquba, ngokuba akakho omunye uNkulunkulu olandela lolu hlobo angahlenga.


Uyahlenga, asindise, wenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni, owakhulula uDaniyeli emandleni ezingonyama.


Bahlabelela ingoma kaMose inceku kaNkulunkulu, nengoma yeWundlu, bethi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, Nkosi yabangcwele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka