Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 74:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Phakamiselani izinyawo zenu ezincithakalweni zaphakade; nakho konke isitha esikwenzileyo okubi endlini engcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Lulamisela izinyawo zakho emidilikweni yaphakade; isitha sone konke endlini engcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Phangisa uzobona incithakalo yaphakade, isitha sesone konke endlini engcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 74:3
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi nazo zonke izindlu zaseJerusalema nendlu yabo bonke abakhulu ngomlilo.


Base bethi kimi: “Insali yabathunjwa ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; nogange lwaseJerusalema lwalubhidliziwe, namasango alo ashiswa ngomlilo.


Ngaphuma ebusuku ngeSango Lesigodi ngaphambi komgodi kadrako naseSangweni Lomquba, ngabona izingange zaseJerusalema ezazibhidliziwe namasango alo ayeshiswe ngomlilo.


Wathi enkosini: “Inkosi mayiphile kuze kube phakade; ubuso bami bungabi buhlungu ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo, na?


Vuka, uleleni, Nkosi? sukuma, ungasilahli kuze kube phakade.


Sukuma usisize, usikhulule ngenxa yomusa wakho.


Ihubo lika-Asafa. O Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho; balingcolisile ithempeli lakho elingcwele; babeka iJerusalema laba yizinqwaba.


Ngiyomthumela esizweni esizenzisayo, futhi ngokumelene nabantu bentukuthelo yami ngiyomnika umyalo wokuba athathe impango futhi athathe impango futhi ayinyathele njengodaka lwezitaladi.


Ngokuba isandla sikaJehova siyakuhlala kule ntaba, uMowabi anyathelwe phansi njengotshani bunyathelwa phambi komquba.


Bayakwakha izincithakalo ezindala, bavuse izindawo ezibhuqiwe zakuqala, babuyisele imizi echithekileyo, izincithakalo zezizukulwane ngezizukulwane.


indlu kaJehova nendlu yenkosi zasha; zonke izindlu zaseJerusalema nazo zonke izindlu zezikhulu wazishisa ngomlilo.


Isitha selulele isandla saso phezu kwazo zonke izinto zalo ezithandekayo, ngoba libona ukuthi abezizwe babengena endlini yalo engcwele, owazilaya ukuthi bangangeni ebandleni lakho.


Futhi izikhali ziyokuma eceleni kwakhe, futhi ziyongcolisa indlu engcwele yamandla, futhi zisuse umhlatshelo wezinsuku zonke, futhi ziyomisa isinengiso esenza incithakalo.


Manje yizwa, Nkulunkulu wethu, umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, futhi mawukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele echithekile ngenxa yeNkosi.


Futhi iyoqinisa isivumelwano nabaningi isonto elilodwa; futhi phakathi nesonto uyokwenza ukuba umhlatshelo nomnikelo wempuphu kuphele, futhi ngenxa yokwanda kwezinengiso uyokwenza kube ihlane kuze kube sekugcineni futhi uyothululwa phezu koyedwa.


Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe, ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.


Ngalokho iSiyoni liyakulinywa ngenxa yenu njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba, nentaba yendlu ibe njengeziqongo zehlathi.


Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’? kepha nina niyenze umhume wabaphangi.


Bayakuwa ngosiko lwenkemba, bathunjelwe ezizweni zonke, iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.


Kwathi sebewakhiphele lawo makhosi kuJoshuwa, uJoshuwa wabiza wonke amadoda akwa-Israyeli, wathi kuzo izinduna zempi ezazihamba naye: “Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi. Basondela, babeka izinyawo zabo entanyeni yabo.


Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi; ngokuba linikiwe abezizwe, nomuzi ongcwele bayakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka