Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 5:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Iziwula aziyikuba khona phambi kwamehlo akho; uyabazonda bonke abenza okubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho; uyabazonda bonke abenza okubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Abazigqajayo abayukuma phambi kwamehlo akho. Uyabazonda bonke abenza okubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 5:5
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho ababi abayikuma ekwahlulelweni, nezoni azikho ebandleni labalungileyo.


Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa kwenhliziyo yakhe, abusise ohahayo, uJehova amzondayo.


UJehova uyamhlola olungileyo, kepha omubi nabathanda ubudlwangudlwangu bayawuzonda umphefumulo wakhe.


Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bakhohlakele, benze izinto ezinyantisayo, akekho owenza okuhle.


Ngokuba ngaba nomhawu ngeziwula lapho ngibona ukuchuma kwababi.


Ngathi kwabayiziwula: Ningabi-yiziwula nakwababi: Ningaluphakamisi uphondo.


Umuntu okhutheleyo akazi; futhi isiwula asikuqondi.


Qondani nina bantu abayiziwula phakathi kwabantu, nani ziwula, niyakuhlakanipha nini na?


Koze kube nini nina zithutha nithanda ubuwula? nezideleli zijabulela ukuklolodela, neziwula zizonda ukwazi?


Ukumesaba uJehova kungukuqala kolwazi, kepha iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Indlela yomubi iyisinengiso kuJehova, kepha uyamthanda ophishekela ukulunga.


Nina bangenalwazi, qondani ukuhlakanipha, nani ziwula, hlakaniphani ngenhliziyo.


Nxa wenza isithembiso kuNkulunkulu, ungalibali ukusigcwalisa; ngoba akathokozi ngeziwula; khokha lokho okuthembisile.


Bonke ububi babo buseGiligali, ngokuba ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo ziyizihlubuki.


Akumelwe nihambe ngezindlela zesizwe engisixosha phambi kwenu; ngokuba benze zonke lezi zinto, ngase ngibenyanya.


Unamehlo ahlanzekile kunokuba ubuke okubi, futhi awukwazi ukubona ububi; Ubabhekelani abakhohlisayo, ubambe ulimi lwakho, lapho omubi edla olungile kunaye, na?


Ngabulala abelusi abathathu ngenyanga eyodwa; umphefumulo wami wanengwa yizo, zanengwa nami.


Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;


Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka