Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 45:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uthanda ukulunga, uzonda ububi; ngalokho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ukuthandile ukulunga, wakuzonda okubi: ngakho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngokungaphezu kwabangane bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Uthanda ukulunga, uzonde ububi. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ekugcobe ngamafutha entokozo ngaphezulu kwabangani bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 45:7
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Futhi uJehu, indodana kaNimsi, kumelwe umgcobe abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; futhi u-Elisa, indodana kaShafati, wase-Abela Mehola, kumelwe umgcobe abe umprofethi esikhundleni sakho.


Ngiyakubabhubhisa bonke ababi bezwe kusesekuseni; ukuze nginqume bonke ababi emzini kaJehova.


Ngokuba uJehova olungileyo uthanda ukulunga; abaqotho bayabubona ubuso bakhe.


Amakhosi omhlaba azilungisile, nababusi benza icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe, bathi:


Ngokuba umenze waba yisibusiso kuze kube phakade; Umthokozise kakhulu ngobuso bakho.


Uthanda ukulunga nokwahlulela; umhlaba ugcwele umusa kaJehova.


Ngifumene inceku yami uDavide; Ngamgcoba ngamafutha ami angcwele.


Uyakungibiza ngokuthi: “Wena unguBaba, uNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.


Amandla enkosi nawo athanda ukwahlulela; Wena umisa ukulunga, wenza ukwahlulela nokulunga kwaJakobe.


Kodwa ngobulungisa iyokwahlulela abampofu futhi isole abathobekileyo bomhlaba ngobuqotho; futhi uyoshaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, futhi ngomoya wezindebe zakhe uyobulala ababi.


Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba ukuba amngcwelise.


UJesu waphendula wathi kuye: Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke. Wase emvumela.


Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.


Kodwa uzakuthi: Ngithi kini: Kangilazi lapho elivela khona; sukani kimi nina nonke benzi bokubi.


UMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngiyathokoza ngawe.


Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu.


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu akamniki uMoya ngesilinganiso.


Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.


Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili bafane nomfanekiso weNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi.


Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ngezibusiso zonke zomoya ezulwini kuKristu.


Ukuthandile ukulunga, wazonda ububi; ngalokho uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho.


Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane;


Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, ophakanyiswe ngaphezu kwamazulu;


Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.


USamuweli wayesethatha uphondo olunamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide kusukela ngalolo suku. USamuweli wasuka, waya eRama.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka