Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 42:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Umphefumulo wami womela uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo; ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Umphefumulo wami womela uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo; ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Umphefumulo wami womele uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo, ngiyakufika nini ngibonakale phambi kukaNkulunkulu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 42:2
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

O, ngangazi ukuthi ngingamtholaphi! ukuze ngize ngize ngize esihlalweni sakhe!


Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna; ukuze ngihlale endlini kaJehova zonke izinsuku zokuhamba kwami, ukuze ngibone inkazimulo kaJehova, ngibuze ethempelini lakhe.


Khona ngiyakuya e-altare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu intokozo yami enkulu; yebo, ethafeni ngiyakukudumisa, Nkulunkulu Nkulunkulu wami.


Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda. Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami; ngiyakukufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena, inyama yami iyakulangazelela ezweni elomileyo elomileyo, elingenamanzi;


Ngoba umusa wakho ungcono kunokuphila, izindebe zami zizakudumisa.


Ngoba usuku olulodwa emagcekeni akho lungcono kunenkulungwane. Ngincamela ukuba ngumlindisango endlini kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.


Umphefumulo wami ulangazelela, yebo, ulangazelela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nenyama yami kukhalela kuNkulunkulu ophilayo.


Babusisiwe abahlala endlini yakho; basazokudumisa. Sela.


Baqhubeka bekhula ngamandla, yilowo nalowo eSiyoni ubonakala phambi kukaNkulunkulu.


Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kweNkosi uJehova.


Yebo, endleleni yezahlulelo zakho, Jehova, sikulindile; ukufisa komphefumulo wethu kungenxa yeGama lakho nesikhumbuzo sakho.


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilayo, neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, nezizwe aziyikuthwala ukufutheka kwakhe.


Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili; bangishiyile mina, mthombo wamanzi aphilayo, bazimbele imithombo, imithombo eqhekekileyo, engagcini manzi.


Ngikhipha umyalo wokuba abantu kuyo yonke imibuso yombuso wami bathuthumele futhi besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngoba unguNkulunkulu ophilayo nogxilile kuze kube phakade, nombuso wakhe ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyolingana. Kuze kube sekupheleni.


Ngokuba njengalokhu uBaba enokuphila ngokwakhe; ngokunjalo uyiphile iNdodana ibe nokuphila kuyo;


Kwathi ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.


Ngokuba bona uqobo babika ngathi ukungena kwethu kini, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, niphuma ezithombeni, nikhonza uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;


UJoshuwa wasesithi: Ngalokhu lizakwazi ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu, lokuthi uzaxotsha amaKhanani, lamaHethi, lamaHivi, lamaPerizi, lamaGirigashi, lamaAmori phambi kwenu, kanye lamaJebusi.


Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka