Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 37:39 - Contemporary Zulu Bible 2024

39 Kepha ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; Uyinqaba yabo ngesikhathi sokuhlupheka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

39 Insindiso yabalungileyo ivela kuSimakade, uyinqaba yabo ngesikhathi senhlupheko.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 37:39
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Basizwa phezu kwabo, amaHagari anikelwa esandleni sabo nabo bonke ababe nabo; ngoba babethembele kuye.


Kanjalo uJehova wamophula uHezekiya nabakhileyo eJerusalema esandleni sikaSaneheribi inkosi yase-Asiriya nasesandleni sabo bonke, wabahola nhlangothi zonke.


UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami yathembela kuye, futhi ngasizwa; ngalokho inhliziyo yami ithokoza kakhulu; ngizamdumisa ngengoma yami.


Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe phezu kwabantu bakho. Sela.


Uyawalonda onke amathambo akhe; akekho kubo ophukile.


Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora. Isihlabelelo se-Alamoti. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ulusizo olutholakala kakhulu ekuhluphekeni.


Ngakho-ke asiyikwesaba, noma kuzamazama umhlaba, nezintaba zikhukhulwa phakathi kolwandle;


Yena yedwa uyidwala lami nensindiso yami; uyisivikelo sami; Ngeke nginyakazeke kakhulu.


Abalaziyo igama lakho bayakwethemba wena, ngokuba wena Jehova awubashiyanga abakufunayo.


UJehova uyakuba yisiphephelo kocindezelweyo, isiphephelo ngezikhathi zokuhlupheka.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye osizini; ngiyakumkhulula, ngimdumise;


Olungileyo uyasindiswa ekuhluphekeni, lomubi angene endaweni yakhe.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakwethemba, ngingesabi, ngokuba iNkosi uJehova ingamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso yami.


Jehova, sihawukele; thina sikulindele; sibe mpofu kubo njalo ekuseni, nathi siyaphilisa ngesikhathi sosizi.


Ngiyakukwenza ugange lwethusi olubiyelweyo kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayikukwehlula; ngokuba nginawe ukuba ngikukhulule, ngikusindise,” usho uJehova.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu osikhonzayo angasikhulula esithandweni somlilo ovuthayo, asikhulule esandleni sakho, nkosi.


Kepha mina ngiyakuhlabela kuwe ngezwi lokubonga; Ngizokhokha engikuthembisile. Insindiso ivela kuJehova.


Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;


Niqiniswe ngamandla onke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kube kukho konke ukubekezela nokubekezela kanye nentokozo;


Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka