Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 17:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bonisa umusa wakho omangalisayo, wena okhulula abathembela kuwe ngesandla sakho sokunene kulabo ababavukelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bonakalisa isihe sakho esimangalisayo wena osindisa ngesandla sakho sokunene labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Bonakalisa uthando lwakho olungapheliyo, Wena osindisa ngesokunene sakho abaphephela kuwe kulabo ababavukelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 17:7
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngubani omthuke wahlambalaza? Uphakamisele bani izwi lakho, uphakamisele amehlo akho phezulu, na? ngisho ngokumelene noNgcwele ka-Israyeli.


Ngokuba ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa kaDavide inceku yami.


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Kulokhu nenze ubuwula; ngalokho niyakuba nezimpi kusukela manje kuqhubeke.


Manje sengiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe; uyakumahlulela esezulwini lakhe elingcwele ngamandla okusindisa esandla sakhe sokunene.


Makabongwe uJehova, ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo emzini onamandla.


Ngokuba ngathi ekuphuthumeni kwami: Nginqunyiwe phambi kwamehlo akho; nokho walizwa izwi lokunxusa kwami lapho ngikhala kuwe.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kepha isandla sakho sokunene nengalo yakho nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawunomusa kubo.


ukuze othandekayo wakho asindiswe; sindisa ngesandla sakho sokunene ungilalele.


Wenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe, endaweni yaseSowani.


Isandla sakho sokunene, Nkosi, sikhazimula ngamandla; Isandla sakho sokunene, Nkosi, sachoboza izitha.


Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje.


Bahlabelela ingoma kaMose inceku kaNkulunkulu, nengoma yeWundlu, bethi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, Nkosi yabangcwele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka