Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 15:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ubulungisa nokhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Yilowo onkambo yakhe ingenasici, futhi owenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 15:2
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Onezandla ezihlanzekileyo nenhliziyo ehlanzekileyo; ongaphakamiseli umphefumulo wakhe ezeni nongafunganga amanga.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho.


Olungileyo uhamba ngobuqotho bakhe; abantwana bakhe babusisiwe emva kwakhe.


Ohamba ngobuqotho uyakusindiswa; kepha omubi ezindleleni zakhe uyakuwa masinyane.


Ohamba ngokulunga nokhuluma ngobuqotho; odelela inzuzo yokuhlupheka, oxhawula izandla zakhe ekugodleni isifumbathiso, ovala izindlebe zakhe ukuze ezwe igazi, ovala amehlo akhe ukuba abone okubi;


Ngoba wathi: Isibili bangabantu bami, abantwana abangaqambi amanga; ngakho waba nguMsindisi wabo.


Nina enithiwa yindlu kaJakobe, uMoya kaJehova uyanyakaziswa na? ingabe lokhu akwenzayo? Amazwi ami awabenzi yini okuhle kohamba ngobuqotho na?


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.


Kodwa ezizweni zonke omesabayo lowenza ukulunga uyamukeleka kuye.


kodwa inkazimulo, nodumo, nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki;


Kodwa kuthe ngibona ukuthi kabahambanga ngokuqondileyo njengokweqiniso levangeli, ngathi kuPetro phambi kwabo bonke: Uba wena ongumJuda uphila ngendlela yabezizwe, hatshi eyamaJuda, ubacindezela ngani abaJuda? AbeZizwe ukuba baphile njengamaJuda?


Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle uNkulunkulu ayimisela ngaphambili ukuba sihambe kuyo.


Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye komunye.


Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe;


abathi ngokholo banqoba imibuso, benza ukulunga, bazuza izithembiso, bavala imilomo yezingonyama;


Uma nazi ukuthi ulungile, yazini ukuthi wonke owenza ukulunga uzelwe nguye.


Lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.


Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba naye elungile.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka