Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 141:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ungayithambekisi inhliziyo yami kunoma yikuphi okubi, ukwenza izenzo ezimbi nabantu abenza okubi; futhi ungangivumeli ngidle izibiliboco zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yobubi kanye nabantu abenza okubi, ngingadli izibilebile zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Ungayiphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yenkohlakalo kanye nabantu abenza inkohlakalo, ngingadli izibiliboco zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 141:4
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayithatha, wayiyisa kunina; unina wenza inyama emnandi njengokuthandwa kukayise.


Umuntu kaNkulunkulu wasesithi enkosini: Uba unginika ingxenye yendlu yakho, kangiyikungena lawe, njalo kangiyikudla isinkwa, kangiyikunatha amanzi kulindawo.


INkosi yasisithi kuye: Ngani? Wathi: Ngiyakuphuma, ngibe ngumoya wamanga emlonyeni wabo bonke abaprofethi bakhe. Futhi wathi: Kumele umkholise futhi futhi umnqobe; phuma wenze njalo.


Ukuze athobise izinhliziyo zethu kuye, ukuze sihambe ezindleleni zakhe zonke, sigcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe ayala ngakho obaba.


Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, hhayi ekuhaheni.


Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubi, abakhuluma ukuthula kwabakhelwane babo, kepha kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.


O Jehova, usidukiseleni ezindleleni zakho, wenze lukhuni izinhliziyo zethu ekukwesabeni na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.


Babizela abantu emihlatshelweni yawonkulunkulu babo; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo.


Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.


Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,


Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe ukuba amnikele esandleni sakho, njengokuba kubonakala namuhla.


Kodwa uJehova akaninikanga inhliziyo yokubona namehlo okubona nezindlebe zokuzwa kuze kube namuhla.


Umuntu olingwayo makangasho ukuthi: Ngiyengwa nguNkulunkulu;


Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kuyo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zayo, nokuze ningamukeli okwezinhlupho zayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka