Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 138:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngiyakukhuleka ethempelini lakho elingcwele, ngidumise igama lakho ngenxa yomusa wakho nangeqiniso lakho, ngokuba ukhulisile izwi lakho ngaphezu kwalo lonke igama lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge iGama lakho, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke, uphakamisile iGama lakho nezwi lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 138:2
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Makatuswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, wakufeza ngesandla sakhe ngokuthi:


UJehova waligcwalisa izwi lakhe alikhulumayo, ngase ngisuka ekamelweni likaDavide ubaba, ngahlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli, njengalokho uJehova ethembisile, nangakhela igama likaJehova uNkulunkulu indlu yakwa-Israyeli.


Owagcina encekwini yakho, ubaba uDavide, lokho owakuthembisa kuyo; wakhuluma ngomlomo wakho, wakugcwalisa ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla.


Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kodwa ulidumise igama lakho, ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.


Yizwa izwi lokunxusa kwami, lapho ngikhala kuwe, lapho ngiphakamisela izandla zami endlini yakho engcwele.


Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhuleke ethempelini lakho elingcwele ngokukwesaba.


Ngihole, Jehova, ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami; lungisa indlela yakho phambi kobuso bami.


KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi lakhe, kuJehova ngidumise izwi lakhe.


KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi lakhe, ngimethemba uNkulunkulu; angiyikwesaba ukuthi inyama ingangenzani.


Umusa neqiniso kuhlangene; ubulungisa nokuthula kwangana.


Kodwa wena, Nkosi, unguNkulunkulu olesihawu lomusa, obekezelayo, omkhulu ngobubele leqiniso.


Phakamisani uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke phambi kwesenabelo sezinyawo zakhe; ngoba ungcwele.


Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke entabeni yakhe engcwele; ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ungcwele.


UJehova uyathokoza ngokulunga kwakhe; uyakuwukhulisa umthetho, awenze uhlonipheke.


Ngithanda ukukhuluma ngomusa kaJehova nodumo lukaJehova njengakho konke uJehova asenzele khona, nokulunga okukhulu kuyo indlu ka-Israyeli abenzele yona ngokobubele bakhe nangobuningi bezizwe ezingcwele umusa wakhe.


UDaniyeli esezwile ukuthi umbhalo usayiniwe, wangena endlini yakhe; amafasitele ekamelo lakhe evulekile ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ebenzile ngaphambili.


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


Uma wababiza ngokuthi ngonkulunkulu, okwafika kubo izwi likaNkulunkulu, nombhalo ungeqiwe;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka