Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 132:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwakhe, ngisuthise abampofu bakhe ngesinkwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo; abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo, abantulayo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 132:15
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba uyasuthisa umphefumulo olangazelayo, awugcwalise ngokuhle umphefumulo olambileyo.


Wenza ukuthula endaweni yakho, akugcwalise ngengqoloyi enhle kakhulu.


Abathobekileyo bazakudla basuthe; bayakumdumisa uJehova abamfunayo; inhliziyo yakho iyophila phakade.


Bayakusuthiswa ngamanoni endlu yakho; futhi kumelwe ubaphuzise emfuleni wenjabulo yakho.


Abayikuba namahloni ngesikhathi sobubi, nangezinsuku zendlala bayakusutha.


Thembela kuJehova, wenze okuhle; niyohlala ezweni, nondliwa.


Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa ukugula phakathi kwakho.


Uyakuhlala phezulu; isivikelo sakhe siyakuba yizikhali zamadwala; isinkwa uyakuphiwa; amanzi akhe ayakuqiniseka.


Ngiyakusuthisa umphefumulo wabapristi ngamanoni, abantu bami basuthe ngokuhle kwami,” usho uJehova.


Nihlwanyele okuningi, ningenise okuncane; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha anisuthi ngokuphuzwayo; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; noholayo uhola ngokuwaphonsa esikhwameni esinezimbobo.


Nilinde kakhulu, bhekani, sekukuncane; ekuletheni kwenu ekhaya, ngakuphephetha; Kungani? usho uJehova Sebawoti. Ngenxa yendlu yami eyincithakalo, nigijime, kube yilowo nalowo endlini yakhe.


Uma ningalaleli, futhi uma ningakubekeli enhliziyweni ukunika igama lami udumo, usho uJehova Sebawoti, ngiyakuthuma phezu kwenu isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu; yebo, sengikwenzile. Waziqalekisa, ngokuba awukubeki enhliziyweni.


Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.


Ubasuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle; nabacebile wabamukisa bengenalutho.


UmLevi (ngokuba akanasabelo nafa nawe), nomfokazi nentandane nomfelokazi abasemasangweni akho, bayakuza, badle, basuthe; ukuze uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka