Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 114:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJuda waba yindlu yakhe engcwele, u-Israyeli waba umbuso wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 khona uJuda waba yindlu yakhe engcwele, u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 uJuda waba yindlu kaSimakade engcwele, u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 114:2
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yelifa lakho, endaweni oyenzele ukuthi uhlale kuyo, Nkosi, endaweni engcwele, Nkosi, ezayimisayo izandla zakho.


Bangenzele indlu engcwele; ukuze ngihlale phakathi kwabo.


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha phansi kwemithwalo yabaseGibithe.


Ngoba nginguJehova owalikhupha elizweni leGibhithe ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu; ngalokho nibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu lakho ukuba akusindise, akhulule izitha zakho phambi kwakho; ngalokho umbhede wakho uyakuba ngcwele, ukuze angaboni lutho olungcolile kuwe, aphambuke kuwe.


Bamelwe ukuma entabeni yaseGerizimu ukuze babusise abantu lapho niwela iJordani; oSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noJosefa, noBenjamini;


UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma ku-Israyeli wonke, bathi: “Qaphela, uzwe, Israyeli! namuhla usube yisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho.


Ngokuba uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho; uJehova uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe sakhe phezu kwezizwe zonke ezisemhlabeni.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka