Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 109:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ububi bawoyise mabukhunjulwe phambi kukaJehova; nesono sikanina masingasulwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ububi bawoyise mabukhumbuleke kuJehova; masingesulwa isono sikanina.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 Ububi bokhokho bakhe mabukhumbuleke kuSimakade, masingesulwa isono sikanina.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 109:14
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwase kuba khona indlala emihleni kaDavide iminyaka emithathu, umnyaka ngomnyaka; uDavide wabuza kuJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nendlu yakhe yamagazi, ngoba wabulala abaseGibeyoni.”


malibe phezu kwekhanda likaJowabe naphezu kwayo yonke indlu kayise; futhi makungabikho muntu ophuma endlini kaJowabe ocucuzayo noma onochoko noma oncike ngodondolo noma owela enkembeni noma oswela isinkwa.


Kwathi u-Athaliya unina ka-Ahasiya ebona ukuthi indodana yakhe ifile, wasuka wachitha yonke indlu yenkosi.


Wahamba ngendlela yendlu ka-Ahabi, wenza okubi emehlweni kaJehova njengendlu ka-Ahabi, ngokuba wayengumkhwenyana wendlu ka-Ahabi.


U-Ahaziya inkosi yakwaJuda ekubona lokho wabalekela endlini yasensimini. UJehu wamlandela, wathi: “Mshayeni naye enqoleni.” Bakwenza lokhu emqaqeni oya eGuri eliseJibeleyamu. Wabalekela eMegido, wafela khona.


Ungasibekela ububi babo, ungasusi isono sabo phambi kwakho, ngokuba baklolode ngawe phambi kwabakhi.


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.


Gcina umusa kwabayizinkulungwane, uthethelele ububi neziphambeko nezono, futhi awusoze wakhulula onecala; ohambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana kwesesithathu nesesine isizukulwane.


Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami futhi angikhumbuli izono zakho.


Kepha wena Jehova, uyawazi wonke amasu abo okungibulala; ungathetheleli ububi babo, ungasusi isono sabo ebusweni bakho, kodwa mabaphenduke phambi kwakho; yenza kanjalo kubo ngesikhathi solaka lwakho.


Abaseleyo kini bayobuna ebubini babo emazweni ezitha zenu; futhi ngobubi bawoyise bayobuna kanye nabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka