Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 103:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kulabo abagcina isivumelwano sakhe nalabo abakhumbula imiyalo yakhe ukuba bayenze.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 kubo abagcina isivumelwano sakhe bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 abagcina isivumelwane sakhe, bakhumbule ukwenza iziyalezo zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 103:18
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaJehova sokulandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe nobufakazi bakhe nezimiso zakhe ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo emazwini esivumelwano alotshwe kule ncwadi.


Uma abantwana bakho begcina isivumelwano sami nobufakazi bami engizobafundisa bona, nabantwana babo bayakuhlala esihlalweni sakho sobukhosi kuze kube phakade.


Zonke izindlela zikaJehova zingumusa nokuthembeka kwabagcina isivumelwano sakhe nobufakazi bakhe.


Uma manje nilalela ngempela izwi lami futhi nigcina isivumelwano sami, niyoba ingcebo yempahla yami ngaphezu kwabantu bonke, ngoba umhlaba wonke ungowami.


UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, wathi: “Nanti igazi lesivumelwano uJehova asenza nani ngawo onke lawa mazwi.


Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami; kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami.


Ngokuba kwasekuqaleni kwezwe abantu abakuzwanga, abakuzwanga nangendlebe, abakubonanga ngeso, Nkulunkulu, ngaphandle kwakho, lokho amlungisele yena omlindileyo.


Ukuze nikhumbule futhi niyenze yonke imiyalo yami futhi nibe ngcwele kuNkulunkulu wenu.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.


Nakulokhu ngiyazivivinya ukuba ngihlale nginonembeza ongenacala kuNkulunkulu nakubantu.


Ziqapheleni ukuba ningakhohlwa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu asenza nani, nizenzele isithombe esibaziweyo noma umfanekiso wakho konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenqabele ngakho.


“Kuyakuthi, uma ulalela lezi zimiso, uzigcine, uzenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakukugcinela isivumelwano nomusa akuthembisa oyihlo ngesifungo.


Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe ezizukulwaneni eziyinkulungwane;


Ngakho siyanincenga, bazalwane, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, nivame kakhulu kanjalo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka