Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 3:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lezi ziyizizwe uJehova azishiya ukuze avivinye u-Israyeli ngazo, wonke u-Israyeli owayengazazi zonke izimpi zaseKhanani;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lezi ziyizizwe aziyekile uJehova ukuze amvivinye ngazo u-Israyeli, bonke abakwa-Israyeli ababengazi mpi eKhanani,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Nazi izizwe uSimakade azishiya ukuze avivinye ngazo bonke abakwa-Israyeli ababengenalwazi ngempi eKhanani,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 3:1
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantwana babo abasala emva kwabo ezweni, abantwana bakwa-Israyeli ababengenakubaqalekisa, uSolomoni wabakhokhisa intela yenkonzo kuze kube namuhla.


Kodwa endabeni yezithunywa zezikhulu zaseBhabhiloni ezathumela kuye ukubuza ngesimangaliso esenziwa elizweni, uNkulunkulu wamtshiya ukuze amlinge, ukuze azi konke okusenhliziyweni yakhe.


Kodwa uyayazi indlela engihamba ngayo; uma engilinga, ngiyophuma njengegolide.


Wayibiza iNkosi; uJehova wambonisa umuthi awuphonsa emanzini; wabamisela khona isimiso nesimiso, wabavivinya khona.


Ikhanzi ngeyesiliva, nesithando ngesegolide, kepha uJehova uhlola izinhliziyo.


Ngikwenze umbhoshongo nenqaba phakathi kwabantu bami, ukuze wazi indlela yabo, ubavivinye.


Ngizadabula inxenye yesithathu emlilweni, zincibilike njengokucwengisiswa kwesiliva, ngizihlole njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibazwe; ngiyakuthi: Laba bayizingelosi. Abantu bami: futhi bayakuthi: UJehova unguNkulunkulu wami.


Kodwa uJesu kazinikelanga kubo, ngoba ebazi bonke;


UJehova uNkulunkulu wakho uyakuxosha lezo zizwe kancane kancane phambi kwakho; ungakudli masinyane, funa izilo zasendle zande phezu kwakho.


owakupha ehlane imana oyihlo ababengayazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ekupheleni kwakho;


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma uthanda ukugcina imiyalo yakhe noma qha.


ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu;


Bathandekayo, ningamangali ngokulingwa okuvuthayo enibhekene nakho, ngokungathi nehlelwa yisimangaliso;


Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo;


Kwathi emva kokufa kukaJoshuwa abantwana bakwa-Israyeli bambuza uJehova, bathi: “Ngubani phakathi kwethu oyakusikhuphukela kuqala ukulwa namaKhanani na?


Sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise, kwavela esinye isizukulwane emva kwaso uJehova ayengasazi nemisebenzi ayeyenzele u-Israyeli.


Ngalokho uJehova wazishiya lezo zizwe, angazixoshanga ngokuphangisa; futhi akabanikelanga esandleni sikaJoshuwa.


Kuphela ukuze izizukulwane zabantwana bakwa-Israyeli zazi, ukubafundisa impi, okungenani labo ababengayazi ngaphambili;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka