Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 11:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Abadala bakwaGileyadi base bethi kuJefta: “UJehova ungufakazi phakathi kwethu, uma singenzi njengokusho kwakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: “UJehova makabe ngufakazi wethu; impela siyakwenza njengezwi lakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Amalunga akwaGileyadi athi kuye: “USimakade uyokuba ngufakazi phakathi kwethu, impela sizokwenza njengalokhu usho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 11:10
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USarayi wasesithi kuAbrama: Ububi bami buphezu kwakho; nginikele incekukazi yami esifubeni sakho; lapho ebona ukuthi ukhulelwe, ngadeleleka emehlweni akhe; uJehova makahlulele phakathi kwami nawe.


Manje funga kimi lapha ngoNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nendodana yendodana yami; kodwa ngokomusa engikubonise wona, kumelwe uwenze kimi nakulo izwe ogogobele kulo njengowezizwe.


Uma ucindezela amadodakazi ami, noma uthatha abanye abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.


UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu kayise wabo, makahlulele phakathi kwethu. UJakobe wafunga ngokwesaba kukayise u-Isaka.


Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho; ngoba uJehova kayikumyekela osebenzisa ibizo lakhe ngeze.


Ngokuba benze ububi kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; nami ngiyakwazi, ngingufakazi,” usho uJehova.


Base bethi kuJeremiya: “UJehova uyakuba ngufakazi oqinisileyo nothembekileyo phakathi kwethu, uma singenzi njengakho konke uJehova uNkulunkulu wakho ayakukuthuma khona kithina.


Lalelani, zizwe zonke; lalela, mhlaba nakho konke okukuwo, iNkosi uJehova mayibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.


Ngiyakuwukhipha,” usho uJehova Sebawoti, “uyongena endlini yesela nasendlini yalowo ofunga amanga ngegama lami; iyakuhlala phakathi kwendlu yayo, iyiqede nezinkuni zayo namatshe ayo.


Ngiyakusondela kinina ngokwahlulelwa; futhi ngiyoba ufakazi osheshayo ngokumelene nabathakathi, neziphingi, nakubafungi bamanga, nalabo abacindezela isiqashwa emholweni wakhe, umfelokazi nezintandane, nomfokazi ophambukayo esandleni sakhe sokunene futhi angesabi. Mina, usho uJehova Sebawoti.


Ngokuba uNkulunkulu engimkhonza ngomoya wami evangelini leNdodana yakhe ungufakazi wami wokuthi angiphezi ukunikhumbula emikhulekweni yami;


UNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obongeka kuze kube phakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.


Ngabayala abahluleli benu ngaleso sikhathi ngathi: ‘Zwanini amacala phakathi kwabafowenu, nahlulele ngokulunga phakathi kwalowo nalowo nomfowabo nomfokazi okuye.


Wayesethi uJefta kumalunga akwaGileyadi: “Uma ningibuyisela ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, uJehova abanikele phambi kwami, ngiyakuba ngumholi wenu na?


Wathi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami. Base bephendula bathi: “Ungufakazi.”


UJehova uyakwahlulela phakathi kwami nawe, uJehova angiphindisele kini; kepha isandla sami asiyikuba phezu kwakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka