Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 10:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Abakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sayokhonza oBhali.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 10:10
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Base bembiza uJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula osizini lwabo.


Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula osizini lwabo.


Base bebiza uJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ekuhluphekeni kwabo.


lithi esizweni: Wena ungubaba; nasetsheni: Nangikhipha, ngokuba bangifulathele, abangibhekanga ubuso babo; kodwa ngesikhathi sokuhlupheka kwabo bazakuthi: Sukuma usisindise.


Ngaphezu kwalokho, abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuze nabo balwe noJuda noBhenjamini kanye nendlu ka-Efrayimi; u-Israyeli wacindezeleka kakhulu.


Lapho abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova, uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabakhulula, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umfowabo omncane kaKalebi.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova, ngokuba wayenezinqola zensimbi ezingamakhulu ayisishiyagalolunye; iminyaka engamashumi amabili wabacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli.


U-Israyeli waba mpofu kakhulu ngenxa yabakwaMidiyani; abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova.


Base bebiza uJehova, bathi: “Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kepha manje usikhulule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.


Basebebuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kweNkosi, bazila ukudla ngalolosuku, bathi lapho: Sonile eNkosini. USamuweli wayala abantwana bakwa-Israyeli eMispa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka