Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 7:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yokhuni lomsedari, kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala ngaphakathi kwezilenge.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwezilenge.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 inkosi yathi kuNathani, umphrofethi: “Bheka, mina ngihlala esigodlweni esakhiwe ngemisedari, kodwa umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwamakhethini, ethendeni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 7:2
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo no-Israyeli noJuda bahlala ematendeni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami bakanise endle; ngiyakungena endlini yami ukuba ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? uma niphila, nokuphila komphefumulo wenu, angiyikuyenza le nto.


UJehova wathuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye; omunye ecebile, omunye empofu.


UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari, nababazi, nabakhi, bamakhela uDavide indlu.


Bawungenisa umphongolo kaJehova, bawubeka endaweni yawo phakathi kwetende uDavide alimisele wona; uDavide wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.


Njengawo wonke lawa mazwi nangawo wonke lowo mbono, kanjalo uNathani wakhuluma kuDavide.


Bheka, esakhuluma nenkosi, kwangena umprofethi uNathani.


Kepha uSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide, babengekho ku-Adoniya.


U-Azariya indodana kaNathani wayephezu kwezikhulu, noZabudi indodana kaNathani wayeyinduna enkulu nomngane wenkosi.


Kwakukhona enhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.


UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari, nabakhi nababazi, ukumakhela indlu.


Bawuletha umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi kwetende uDavide alimisele wona, banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu.


UDavide wathi kuSolomoni: “Ndodana yami, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.


Ukulandisa kwenkosi uDavide, ezokuqala nezokugcina, bheka, kulotshiwe encwadini kaSamuweli umboni, nasencwadini kaNathani umprofethi, nasencwadini kaGadi umboni,


Kepha umphongolo kaNkulunkulu uDavida wakhuphula umphongolo kaNkulunkulu eKiriyati Jeharimi wayiswa endaweni uDavide ayewulungisele yona, ngoba wawumisele ithende eJerusalema.


Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali, namahabhu nezihabhu, njengesiyalezo sikaDavide noGadi umboni wenkosi noNathani umprofethi; ngokuba kwakunjalo ngomyalo kaJehova ngomyalo wakhe abaprofethi.


Ezinye izindaba zikaSolomoni, ezokuqala nezokugcina, angithi zilotshiwe encwadini kaNathani umprofethi nasesiprofethweni sika-Ahiya waseShilo nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobowamu indodana kaNebati na?


Ukuthi wafunga kuJehova, wenza isithembiso kuNkulunkulu kaJakobe onamandla;


ngize ngitholele uJehova indawo, nendawo yokuhlala kaNkulunkulu onamandla kaJakobe.


Wawungenisa umphongolo etabernakele, waxhoma isilenge, wasibekela umphongolo wobufakazi; njengalokho uJehova emyalile uMose.


Sekuyisikhathi sokuthi nina, nina, nihlale ezindlini zenu zokukhosela, futhi le ndlu iyincithakalo?


Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshiwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kungidlile.


owathola umusa phambi kukaNkulunkulu, wacela ukutholela uNkulunkulu kaJakobe itabernakele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka