Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 5:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Nakudala uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha u-Israyeli, wabangenisa; uJehova wathi kuwe: ‘Kumelwe unakekele abantu bami u-Israyeli, futhi wena kumelwe ube umbusi phezu kuka-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngesikhathi esidlulileyo, uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wakwa-Israyeli.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Ngesikhathi esedlule, sisabuswa yinkosi uSawule, nguwe owawuhola u-Israyeli ephuma noma ebuya empini. USimakade wathi kuwe: ‘Wena uyokwelusa abantu bami, u-Israyeli, uyokuba ngumbusi phezu kuka-Israyeli.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 5:2
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha umnsalo wakhe unamandla, nezingalo zezandla zakhe zaqiniswa ngesandla sikaNkulunkulu onamandla kaJakobe; (ngakho-ke umalusi, idwala lika-Israyeli:)


UDavide wayesethi kuMikhali: “Kuphambi kukaJehova owangikhetha phambi kukayihlo naphambi kwendlu yakhe yonke ukuba angimise ngibe ngumbusi phezu kwabantu bakaJehova kwa-Israyeli; ngalokho ngiyakudlala phambi kukaJehova.


Ezindaweni zonke engangihamba kuzo kanye nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli ngakhuluma izwi kunoma yisiphi isizwe sakwa-Israyeli engabayala ukuba seluse abantu bami u-Israyeli, ngathi: “Kungani ningangakheli na? indlu yemisedari?


Ngalokho wothi encekwini yami uDavide: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Ngakuthatha esibayeni sezimvu, ulandela izimvu, ukuba ube ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli.


Phenduka uthi kuHezekhiya umkhokheli wabantu bami: Utsho njalo uJehova uNkulunkulu kayihlo uDavida: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakukhuphukela endlini kaJehova.


Futhi nasendulo, lapho uSawule eseyinkosi, nguwe owawukhipha u-Israyeli futhi ungenisa;


Khathesi ngiphe ukuhlakanipha lokwazi ukuze ngiphume ngingene phambi kwalababantu; ngoba ngubani ongahlulela lababantu bakho abakhulu kangaka?


Uyakwalusa umhlambi wakhe njengomalusi; iyobutha amawundlu ngengalo yayo, iwathwale esifubeni sayo, izihole ngobumnene ezizinyanelayo.


Bhekani, ngimnike njengofakazi kubantu, umholi nomyali wabantu.


Ngiyakumisa phezu kwazo umalusi oyedwa, azoluse, inceku yami uDavide; uyakuzondla, abe ngumalusi wazo.


Uyakuma, aklabe ngamandla kaJehova, ngobukhosi begama likaJehova uNkulunkulu wakhe; futhi bayohlala, ngoba manje uyakuba mkhulu kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


abangaphuma phambi kwabo futhi abangene phambi kwabo futhi abakhiphe futhi abangenise; ukuze ibandla leNkosi lingabi njengezimvu ezingenamalusi.


Nawe, Betlehema ezweni lakwaJuda, awusiye omncinyane phakathi kwezikhulu zakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe uMbusi oyakubusa abantu bami u-Israyeli.


Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.


Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe, nezikhona ngaye zonke izinto, lapho eletha amadodana amaningi enkazimulweni, aphelelise ngezinhlupheko umbusi wensindiso yawo.


Kepha manje umbuso wakho awuyikuba khona; uJehova wazifunela indoda ethandwa yinhliziyo yakhe; uJehova wamyala ukuba abe ngumbusi phezu kwabantu bakhe, ngokuba awugcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.


UJehova wasesithi kuSamuweli: Koze kube nini ulilela uSawuli, mina ngimalile ukuthi abuse phezu kukaIsrayeli? Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe, ngiyakuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizilungisele inkosi phakathi kwamadodana akhe.


Ngakho uSawule wamsusa kuye, wambeka umbusi wenkulungwane; waphuma, wangena phambi kwabantu.


Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayengena ephuma phambi kwabo.


UDavide waphuma nomaphi lapho uSawule emthuma khona, wenza ngokuhlakanipha; uSawule wammisa phezu kwamadoda empi, waba muhle emehlweni abo bonke abantu nasemehlweni ezinceku zikaSawule.


Xolela isiphambeko senceku yakho, ngokuba uJehova uyakuyenzela inkosi yami indlu; ngokuba inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova, akufunyanwanga okubi kuwe zonke izinsuku zakho.


Kuyakuthi uma uJehova enzile enkosini yami njengakho konke okuhle akukhulumileyo ngawe, wakumisa ube ngumbusi kwa-Israyeli;


Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini, umgcobe abe ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli, ukuze asindise abantu bami esandleni samaFilisti; ngoba ngikubonile.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka