Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 2:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 wamenza inkosi kwaGileyadi, naseAsiriya, naseJizreyeli, nakuEfrayimi, nakuBenjamini, nakuIsrayeli wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 wambeka inkosi kwaGileyadi, nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa-Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 wambeka waba yinkosi, wabusa abakwaGileyadi, ama-Ashurimi, abaseJizreyeli, abakwa-Efrayimi abakwaBhenjamini, wabusa no-Israyeli wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 2:9
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi uLeya: “Ngiyajabula, ngokuba amadodakazi ayakuthi ngibusisiwe; waqamba igama layo ngokuthi u-Asheri.


U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane lapho eqala ukubusa phezu kuka-Israyeli, wabusa iminyaka emibili. Kodwa indlu yakwaJuda yamlandela uDavide.


Kwathi kukhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abineri waziqinisa endlini kaSawule.


Kubantwana bakwaBenjamini, umndeni kaSawule, izinkulungwane ezintathu; ngoba kuze kube manje iningi labo laliqaphe umlindi wendlu kaSawule.


Kubantwana bakwa-Efrayimi yizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu ayisishiyagalombili, amaqhawe anamandla, abadumileyo ezindlini zawoyise.


IGileyadi ingeyami; ungowami uManase; U-Efrayimi ungamandla ekhanda lami; UJuda ungumenzi womthetho wami;


Kubantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo ngezizukulwane zabo ngezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma;


Umkhawulo wabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo wawunje: umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi-Atarota-adari kuze kufike eBeti Horoni phezulu;


Umkhawulo waphuma eTaphuwagi ngasentshonalanga, waya emfuleni iKhana; futhi ukuphuma kwawo kwakungaselwandle. Leli yifa lesizwe sabantwana bakwa-Efrayimi ngezizukulwane zabo.


Imizi yabantwana bakwa-Efrayimi yayiphansi kwefa labantwana bakwaManase, yonke imizi nemizana yayo.


Kwakukhona abaningi abesizwe sakwaManase; ngoba wayelizibulo likaJosefa; okungukuthi, uMagiri, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi; ngokuba wayeyindoda yempi, ngalokho waba nelakwaGileyadi neBashani.


Kwavela inkatho yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngezizukulwane zabo; umkhawulo wenkatho yabo waphuma phakathi kwabantwana bakwaJuda nabantwana bakwaJosefa.


IJordani lalingumkhawulo walo ngasempumalanga. Leli laliyifa labantwana bakwaBenjamini ngomngcele wakhe nxazonke ngezizukulwane zabo.


Umkhawulo wabo wawuseJizreyeli, neKesuloti, neShunemi;


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase babuya basuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo elisezweni laseKhanani ukuya ezweni lakwaGileyadi ezweni eliyifa labo adliwa njengefa njengezwi likaJehova ngesandla sikaMose.


Kodwa ama-Asheri ahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe, ngoba awazange awaxoshe.


AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e-Afeki; abantwana bakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka