2 Samuweli 17:25 - Contemporary Zulu Bible 202425 U-Abisalomu wabeka u-Amasa induna yempi esikhundleni sikaJowabe; u-Amasa wayeyindodana yendoda egama layo linguJitra, umIsrayeli, owangena no-Abigayili indodakazi kaNahashi, udadewabo kaSeruya, unina kaJowabe. Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE25 U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu-Itira umIsrayeli, owangena ku-Abigali indodakazi kaNahashi, udadewabo kaSeruya unina kaJowabe. Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 202025 U-Absalomu wabeka u-Amasa ukuba ahole impi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa kwakuyindodana yendoda yakwa-Israyeli okuthiwa ngu-Ithira, owayengene u-Abhigayili, indodakazi kaNahashi, udadewabo kaZeruya, unina kaJowabe. Uka jalj uñjjattʼäta |
Futhi nawe uyakwazi lokho uJowabe indodana kaSeruya akwenza kimi, nalokho akwenza ezinduneni ezimbili zempi yakwa-Israyeli, ku-Abineri indodana kaNeri, naku-Amasa indodana kaJetheri, owabaholayo. Wayehlabile negazi lempi ngokuthula, wafaka igazi lempi ebhandeni lakhe elalisezinkalweni zakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.