Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 13:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wathi kuye: “Qha, mfowethu, ungangiphoqi; ngoba akwenziwa into enje koIsrayeli; musani ukwenza lombhedo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Yena wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi, ngokuba akufanele ukuba kwenziwe kanjalo kwa-Israyeli; ungenzi lobu buwula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 UThamari wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi; akwenziwa lokhu kwa-Israyeli. Ungalokothi wenze lobu buwula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 13:12
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UShekemi indodana kaHamori umHivi, umbusi wezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wangcolisa.


Amadodana kaJakobe afika evela endle ekuzwa lokho, amadoda adabuka, athukuthela kakhulu, ngokuba wenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe; okuyinto okungafanele yenziwe.


Bheka, phakathi kwabangenalwazi ngabona phakathi kwabasha insizwa engenangqondo.


Ngokuba benze ububi kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; nami ngiyakwazi, ngingufakazi,” usho uJehova.


Ihlazo lendodakazi yomkayihlo, ezelwe nguyihlo, ingudadewenu; ungalidaluli ihlazo lakhe.


Ihlazo likadadewenu, indodakazi kayihlo noma indodakazi kanyoko, kungakhathaliseki ukuthi wazalelwa ekhaya noma kwelinye, akufanele uwambule ihlazo labo.


Uma umuntu ethatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ihlazo lakhe, naye alibone ihlazo lakhe; kuyinto embi; futhi bayonqunywa phambi kwamehlo abantu bakubo. Wadalula ihlazo likadadewabo; uyakuthwala ububi bakhe.


Khona-ke kumelwe bayikhiphele intombazane emnyango wendlu kayise, amadoda omuzi wakubo kumelwe ayikhande ngamatshe, ize ife, ngoba yenze ubuwula kwa-Israyeli ngokufeba endlini kayise; ngakho kufanele ususe ububi phakathi kwakho.


Khona-ke indoda elale nayo kumelwe inike uyise wentombazane amashekeli angamashumi amahlanu esiliva, futhi kumelwe ibe umkakhe; ngokuba emlulazile, angeze amlahla zonke izinsuku zakhe.


Indoda, umninindlu, yaphumela kubo, yathi kubo: “Qha, bazalwane bami, ningenzi okubi okungaka; bhekani ukuthi le ndoda ingene endlini yami, ningenzi lobu buwula.


Ngasithatha isancinza sami, ngisihlahlela, ngasithuma ezweni lonke lefa lakwa-Israyeli, ngokuba babenzile ihlazo nobuwula kwa-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka