Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 kuThimothewu 4:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayukuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo nangokubatshwa kwezindlebe zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 kuThimothewu 4:3
33 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi u-Eliya kubantu: “Mina ngedwa ngisele umprofethi kaJehova; kepha abaprofethi bakaBali ngamadoda angamakhulu amane namashumi ayisihlanu.


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Angikutshelanga yini ukuthi akayikuprofetha okuhle ngami kuphela okubi na?


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Kusenendoda eyodwa, uMika, indodana kaJimila, esingabuza ngayo kuJehova; kodwa ngiyamzonda; ngoba akaprofethi okuhle ngami, kodwa okubi. UJehoshafati wathi: “Mayingasho njalo inkosi.


INkosi yasisithi kuMozisi: Wonke owonayo kimi, ngizamesula encwadini yami.


Wathi kubo: “Nansi indawo yokuphumula eniyakuphumuza ngayo abakhatheleyo; futhi lokhu kungukuqabuleka; kodwa kabazwanga.


abathi kubaboni: Ningaboni; nakubaprofethi: Ningasiprofethi izinto eziyiqiniso, khulumani izinto ezibushelelezi, profethani inkohliso;


Base bethi: “Wozani sicebe amacebo ngoJeremiya; ngokuba umthetho awuyikubhubha kumpristi, neseluleko sohlakaniphileyo nezwi lomprofethi. Wozani simshaye ngolimi, singanaki amazwi akhe.


Ngakho ningalaleli abaprofethi benu, nabahlola imihlola, nabaphuphayo benu, nabathakathi benu, nabathakathi benu abakhuluma kini, bathi: ‘Aniyikukhonza inkosi yaseBabele.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maningakhohliswa abaprofethi benu nabathakathi benu abaphakathi kwenu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.


Abaprofethi baprofetha amanga, nabapristi babusa ngezandla zabo; futhi abantu bami bangathanda kanjalo; futhi uyokwenzani ekupheleni kwakho?


Uma ohamba ngomoya aqambe amanga ethi: ‘Ngiyakuprofetha kini ngewayini nangophuzo olunamandla; uzakuba ngumprofethi walababantu.


Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukumbamba ngaso leso sikhathi; besaba abantu, ngokuba baqonda ukuthi uwukhulume lo mfanekiso ngabo.


Maye kini, nxa bonke abantu bekhuluma kahle ngani! ngoba oyise babo benza njalo kubaprofethi bamanga.


Ngokuba nginitshela iqiniso, anikholwa yimi.


Ngokuba bonke abase-Athene nabafokazi ababekhona babengachithi lutho ngokunye, kuphela ukuxoxa nokuzwa into entsha.


Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezela kini ubufakazi bukaNkulunkulu.


Nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya namandla;


Ngakho sengaba yisitha senu yini, ngokuba nginitshela iqiniso?


Izifebe, labazingcolisa kanye labantu, amasela abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, njalo uba kukhona okunye okuphambana lemfundiso ephilileyo;


Bambelela endleleni yamazwi aphilileyo owawezwa kimi ekukholweni nangothando olukuKristu Jesu.


ukuthi bathi kini: Ngesikhathi sokugcina kuzakuba khona abahleki bosulu, abahamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka