Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 kaPetru 3:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 ukuze likhumbule amazwi akhulunywa ngaphambili ngabaprofethi abangcwele, lomlayo wethu thina baphostoli beNkosi loMsindisi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ukuze nikhumbule amazwi ashunyayelwa phambili yibo abaprofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindisi owashunyayelwa ngabaphostoli benu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 ukuba nikhumbule amazwi akhulunywa phambilini ngabaphrofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindisi owashunyayelwa ngabaphostoli benu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 ukuze likhumbule amazwi akhulunywa ngaphambili ngabaprofethi abangcwele, lomlayo wethu thina baphostoli beNkosi loMsindisi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 kaPetru 3:2
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Njengoba akhuluma ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, ababekhona kusukela endulo.


Eqala kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.


Wathi kubo: Lawa angamazwi engawakhuluma kini ngisenani, ukuthi kumele kugcwaliseke konke okulotshiweyo emlayweni kaMozisi, lakubaprofethi, lemahutsheni, mina.


Abaprofethi bonke bafakaza ngaye ukuthi yilowo nalowo okholwa nguye uyakwamukela ukuthethelelwa kwezono ngegama lakhe.


Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.


Kodwa lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bakhe bonke ukuthi uKristu wayezakuhlupheka, ukugcwalisile ngokunjalo.


omelwe ukumamukela izulu kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu azikhulumayo ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele bonke kusukela kwaphakade.


Thwalisanani imithwalo yenu, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu.


Nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uJesu Kristu uqobo lwakhe eyitshe legumbi;


Okwathi kwezinye izikhathi okungakaziswanga kubantwana babantu, njengalokhu sekubonakalisiwe kubaphostoli bakhe abangcwele labaprofethi ngoMoya;


ukuze ugcine lomlayo ungelasici, ungelacala, kuze kube sekubonakaleni kweNkosi yethu uJesu Kristu;


Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba bebengayazanga indlela yokulunga kunokuba sebeyazi bafulathele umyalo ongcwele abawunikwayo.


Nithi ukubekezela kweNkosi yethu kuyinsindiso; njengoba laye umzalwane wethu othandekayo uPawuli ekulobela kwakhe ngokuhlakanipha akunikwayo;


njengalokhu nakuzo zonke izincwadi zakhe, ekhuluma kuzo ngalezizinto; okukhona kuzo ezinye izinto ezilukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundileyo nabangazinzile bazihlanekezele, njengokuba benza neminye imibhalo, kube ngukubhujiswa kwabo.


Thina singabakaNkulunkulu; omaziyo uNkulunkulu uyasizwa; ongesiye okaNkulunkulu akasizwa. Ngalokhu siyazi umoya weqiniso nomoya wokuduka.


Kepha nina bathandekayo, khumbulani amazwi akhulunywe ngaphambili ngabaphostoli beNkosi yethu uJesu Kristu;


Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka