Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 kaPetru 2:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kepha kwakukhona nabaprofethi bamanga phakathi kwabantu, njengokuba naphakathi kwenu kuyakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso ezibhubhisayo, bephika neNkosi eyabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Kepha kwakukhona nabaphrofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba naphakathi kwenu kuzokuba khona abafundisi bamanga abazongenisa ngesinyenyela izimfundiso ezidukisayo nezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bazilethele ukubhujiswa okusheshayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kepha kwakukhona nabaprofethi bamanga phakathi kwabantu, njengokuba naphakathi kwenu kuyakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso ezibhubhisayo, bephika neNkosi eyabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 kaPetru 2:1
73 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yakoIsrayeli yasibiza abaprofethi kungathi abantu abangamakhulu amane, yathi kubo: Ngiye yini eRamothi kwaGileyadi ngilwe, kumbe ngiyeke? Bathi: Yenyukani; ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.


Ukwesaba nokwesaba kuyakwehlela phezu kwabo; ngobukhulu bengalo yakho bayakuthula njengetshe; kuze kudlule abantu bakho, Nkosi, baze badlule abantu kulokho okuthengayo.


Omdala nohloniphekileyo uyinhloko; nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngo-Ahabi indodana kaKholaja, nakuSedekiya indodana kaMahaseya, abaprofetha amanga kini egameni lami; Bheka, ngiyabanikela esandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele; futhi iyakubabulala phambi kwamehlo enu;


Baphi-ke abaprofethi benu ababeprofetha kini, bathi: Inkosi yaseBabele ayiyikunehlela nina naleli zwe?


Ngoba kusukela komncinyane kuya komkhulu wabo wonke uzinikele ekuhambweni; kusukela kumprofethi kuye kumpristi bonke benza amanga.


Abaprofethi bakho babone izinto eziyize neziwubuwula ngawe, futhi ababubonakalisanga ububi bakho ukuze banqande ukuthunjwa kwakho; kodwa ngakubona imithwalo yamanga lezinto zokudingiswa.


Umlindi ka-Efrayimi wayenoNkulunkulu wami, kepha umprofethi ulugibe lomcuphi wezinyoni ezindleleni zakhe zonke, nenzondo endlini kaNkulunkulu wakhe.


Uma ohamba ngomoya aqambe amanga ethi: ‘Ngiyakuprofetha kini ngewayini nangophuzo olunamandla; uzakuba ngumprofethi walababantu.


Izinhloko zalo zahlulela ngenjongo yokuthola umvuzo, nabapristi balo bafundisa ngenjongo yokuthola umvuzo, nabaprofethi balo baprofetha ngenjongo yemali; nokho bayakwencika kuJehova, bathi: “Akakho uJehova phakathi kwethu na? akukho okubi okungasehlela.


Usho kanje uJehova mayelana nabaprofethi abadukisa abantu bami, abagedla amazinyo, bamemeze, bathi: “Ukuthula! futhi ongafaki emlonyeni wabo, bamlungisela impi.


Ngiyakusondela kinina ngokwahlulelwa; futhi ngiyoba ufakazi osheshayo ngokumelene nabathakathi, neziphingi, nakubafungi bamanga, nalabo abacindezela isiqashwa emholweni wakhe, umfelokazi nezintandane, nomfokazi ophambukayo esandleni sakhe sokunene futhi angesabi. Mina, usho uJehova Sebawoti.


Kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.


Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi.


Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.


Ngokuba abaningi bayakuza egameni lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi.


Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, nabakhethiweyo.


Kepha ongiphika phambi kwabantu uyakuphikwa phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu.


Wathi: “Xwayani ningadukiswa; nesikhathi sisondele; ngakho-ke ningabalandeli.


Maye kini, nxa bonke abantu bekhuluma kahle ngani! ngoba oyise babo benza njalo kubaprofethi bamanga.


Ngokuba abanjalo kabakhonzi iNkosi yethu uJesu Kristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenalwazi.


Ngoba kumele kube khona ukuhlukana phakathi kwenu, ukuze abathembekileyo babonakale phakathi kwenu.


Nithengwa ngenani; ningabi yizigqila zabantu.


futhi ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa bengazi, abangena ngokunyenya ukuze bahlole ukukhululeka kwethu esilakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqili;


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, esenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uqalekisiwe wonke olenga emthini;


Bayanishisekela, kodwa hhayi kahle; yebo, bafuna ukunivalela ngaphandle, ukuze nibaphathe kabi.


Ukukhonza izithombe, ubuthakathi, inzondo, ukuxabana, umona, ulaka, ukuxabana, ukuhlubuka, ukuhlubuka,


Esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe;


Ukuze singabe sisaba abantwana, sijikijelwa ngapha nangapha, siqhutshwa yiwo wonke umoya wemfundiso, ngobuqili babantu, nobuqili bobuqili abaqamekela ukudukisa ngabo;


Nimbuyisela kanje uJehova nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na? Akusiye uyihlo okuthengileyo? Akanenzanga futhi wanimisa na?


abakuphela kwabo kungukubhujiswa, abaNkulunkulu wabo uyisisu sabo, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abanaka izinto zasemhlabeni.


Makungabikho muntu onikhohlisayo ngomvuzo wenu ngokuthobeka kokuzithandela nangokukhonza izingelosi, engena engakubonanga, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yenyama yakhe;


Xwayani funa kube khona oniphanga ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize, ngokwesiko labantu, ngezifundiso zokucathula zezwe, kungengokukaKristu.


Kepha uma umuntu engabondli abakhe, ikakhulu abendlu yakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.


Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe;


abamelwe ukuvalwa umlomo, abachitha izindlu ziphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


Umuntu ongumhlubuki emva kokuyalwa kokuqala nokwesibili umlahle;


nicabanga ukuthi umelwe ukujeziswa kabuhlungu kangakanani lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, owathi igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, liyichilo, futhi edelele uMoya yomusa?


Eningambonanga niyamthanda; enikholwa kuye, nakuba ningamboni manje, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo negcwele inkazimulo;


Ngokuhaha bayakunenza ngamazwi obuqili; ukwahlulelwa kwabo kwakudala akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.


Nginilobele lezi zinto ngabadukisayo.


Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.


ukuthi bathi kini: Ngesikhathi sokugcina kuzakuba khona abahleki bosulu, abahamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.


Ngokuba sekungene ngokunyenya abantu abathile, abamiselwa ngaphambili lokhukulahlwa ngaphambili, abangamesabi uNkulunkulu, abaphendula umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa uNkulunkulu wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu.


Sidukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esase sinamandla ukuzenza phambi kwesilo; sitshela abakhileyo emhlabeni ukuthi basenzele umfanekiso isilo, esasinenxeba lenkemba, kodwa saphila.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, lalapho ohlala khona, lalapho isihlalo sikaSathane sikhona; njalo ulibambile ibizo lami, kawuphikanga ukholo lwami, langalezonsuku uAntipasi engumfakazi wami othembekileyo, owabulawa phakathi kwenu, lapho uSathane ehlala khona.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, nosizi, nobumpofu, (kodwa ucebile) futhi ngiyakwazi nenhlamba yalabo abathi bangamaJuda, kanti bengesiwo, kodwa isinagoge likaSathane.


Ngiyayazi imisebenzi yakho; bheka, ngimisile phambi kwakho umnyango ovuliweyo, okungekho muntu ongawuvala, ngokuba unamandla amancane, futhi uligcinile izwi lami, kawuliphikanga igama lami.


Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;


Base bememeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Nkosi, ongcwele noqinisileyo, ungahluleli uphindisele igazi lethu kwabakhileyo emhlabeni na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka