Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 16:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 USamuweli wayesethatha uphondo olunamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide kusukela ngalolo suku. USamuweli wasuka, waya eRama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide ngamandla, kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaSimakade wehlela ngamandla phezu kukaDavide, kusukela ngalolo lusuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 16:13
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNathani wasesithi kuDavida: Nguwe lowomuntu. Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngakugcoba ube yinkosi kwa-Israyeli, ngakusindisa esandleni sikaSawule;


Amadoda akwaJuda afika amgcoba lapho uDavide abe yinkosi phezu kwendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide, bathi: “Ngamadoda aseJabeshi eGileyadi ammbela uSawule.”


Lawa angamazwi okugcina kaDavide. Wathi uDavide, indodana kaJese, umuntu waphakama phezulu, ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe, nomhubi omnandi ka-Israyeli, wathi:


Ayesefika onke amadoda amakhulu akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova, amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.


Wasesukuma wangena endlini; wathela amafutha ekhanda lakhe, wathi kuye: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngikugcobile ube yinkosi yabantu bakaJehova kwa-Israyeli.


Ngalokho onke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nabo eHebroni phambi kukaJehova; bamgcoba uDavide abe yinkosi phezu kuka-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.


Ngifumene inceku yami uDavide; Ngamgcoba ngamafutha ami angcwele.


Isandla sami siyakuqiniswa kubani; nengalo yami iyakumqinisa.


Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona; ngiyakuthatha okukaMoya ophezu kwakho, ngikubeke phezu kwazo; futhi bayothwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.


UJehova wayesethi kuMose: “Zithathele uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu okuye uMoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe;


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu akamniki uMoya ngesilinganiso.


Esemkhiphile wabavusela uDavida abe yinkosi yabo; wafakaza ngaye, wathi: “Ngimfumene uDavide indodana kaJese, indoda yenhliziyo yami, eyakufeza yonke intando yami.


Ukuthandile ukulunga, wazonda ububi; ngalokho uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho.


Ngisezakuthini futhi? ngoba isikhathi singaphela ngilandisa ngoGidiyoni, loBharaki, loSamsoni, loJefitha; ekaDavide, noSamuweli, neyabaprofethi;


UMoya kaJehova wehlela phezu kukaJefta, wadabula kwaGileyadi noManase, wadabula eMispa kwaGileyadi, wadlula eMispa kwaGileyadi, waya kubantwana bakwa-Amoni.


UMoya kaJehova waqala ukumnyakazisa ekamu lakwaDani phakathi kweSoreya ne-Eshitawoli.


UMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe ngamandla, waklebhula izinyane lembuzi, engenalutho esandleni sakhe; kodwa kabatshelanga uyise lonina lokho ayekwenzile.


UMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe, waqondisa u-Israyeli, waphuma ukulwa. Isandla sakhe saba namandla phezu kukaKushan-Risatayim.


Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika emzini wabo eRama; u-Elkana wamvuma uHana umkakhe; uJehova wamkhumbula.


USamuweli wayesethatha isitsha samafutha, wawathela ekhanda lakhe, wamanga, wathi: “Kungokuba uJehova ekugcobile ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?


UMoya kaJehova uzakufika phezu kwakho, uprofethe kanye nabo, uguqulwe ube ngomunye umuntu.


UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule lapho ezwa lezi zindaba, intukuthelo yakhe yavutha kakhulu.


Yasiphendula enye yezinceku, yathi: “Bheka, ngabona indodana kaJese waseBetlehema ehlakaniphileyo ekudlaleni, nendoda enamandla, neqhawe, ehlakaniphileyo emsebenzini, nenhle; futhi uJehova unaye.


USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, wasuka kuSawule.


Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinile; futhi uyohamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka