Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe nesimungulu; wamphulukisa, kwaze kwakhuluma, wabona nempumputhe nesimungulu.
Mathewu 8:16 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abanengi ababekhwelwe ngamadimoni; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo, IsiZulu 2020 Kwathi kusihlwa, baletha kuye abaningi abanamadimoni, wabakhipha omoya ngezwi, wabaphulukisa bonke abagulayo, Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abanengi ababekhwelwe ngamadimoni; |
Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe nesimungulu; wamphulukisa, kwaze kwakhuluma, wabona nempumputhe nesimungulu.
UJesu esephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.
Abelusi babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni.
Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni; uJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi; Ndodana, yimani isibindi; uthethelelwe izono zakho.
UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima kanyekanye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala: phuma kuye, ungabe usangena kuye.
Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.
Kwathi selishona ilanga, bonke ababe nabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; wabeka izandla phezu kwabo bonke, wabaphulukisa.
Kwaphuma namademoni kwabaningi, ememeza ethi: “Wena unguKristu iNdodana kaNkulunkulu. Wasezikhuza kazange azivumele ukuthi zikhulume, ngoba zazimazi ukuthi unguKristu.
baze bakhiphela phandle abagulayo emigwaqweni, bababeka emibhedeni nasezinhlakeni, ukuze kuthi lapho uPetru edlula, sisibekele abanye kubo isithunzi.