Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Mathewu 6:1 - Baasraak Zulu New Testament Bible Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha qaphelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini. IsiZulu 2020 “Kepha qaphelani, ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuze nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini. Contemporary Zulu Bible 2024 Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini. |
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.
Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo;
Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.
Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?
Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
Kusenjalo sekubuthene ixuku labantu, baze banyathelana, waqala ukuthi kubafundi bakhe kuqala: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.
Wathi kubo: Qaphelani, nixwaye ukuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumi echichimeni lempahla yakhe.
Wathi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo phambi kwabantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakeme phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.
Ningakholwa kanjani nina enidumisa omunye komunye, ningaludingi udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa na?
UPetru ekubona waphendula abantu wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nimangala ngalokho na? Kumbe nisigqolozeleni ngokungathi ngamandla ethu nangobungcwele bethu senze lo ukuba ahambe na?
Bonke abafuna ukubonakala bebahle enyameni, yibona abanicindezela ukuba nisokwe; kuphela funa bazingelwe ngenxa yesiphambano sikaKristu.
wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.
Ngakho-ke sifanele ukunakisisa kakhulu lokho esikuzwileyo, funa noma nini sishelele.
Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.
Ziqapheleni ukuthi singalahlekelwa yizinto esizisebenzileyo, kodwa ukuze samukele umvuzo opheleleyo.