niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
KwabaseFilipi 4:1 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, intokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa bami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, ntokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa. IsiZulu 2020 Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo nengibalangazelela kakhulu, ntokozo yami nomqhele wami, yimani nigxile eNkosini, bathandwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, intokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa bami. |
niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;
owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo.
beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.
Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.
Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
njengalokho nasivuma nganxanye, ukuthi siyikuzibonga kwenu, njengalokhu nani ningabethu ngosuku lweNkosi uJesu.
Ngakho yimani niqinile enkululekweni uKristu asikhulule ngayo, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
Kuphela ukuhamba kwenu makube njengokufanele ivangeli likaKristu, ukuze kuthi noma ngiza nginibona, noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu, ukuthi nime niqinile emoyeni munye, nganhliziyonye nilwela ukukholwa kweNkosi. ivangeli;
Ngoba uNkulunkulu ungumfakazi wami wokuthi ngililangazelela kangakanani lonke ngenhliziyo kaJesu Kristu.
nibambelele ezwini lokuphila; ukuze ngizibonge ngosuku lukaKristu, ukuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ize.
Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niphelele entandweni yonke kaNkulunkulu.
ukuze aqinise izinhliziyo zenu zingasoleki ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu kanye nabangcwele bayo bonke.
Ngakho-ke, bazalwane, yimani niqine, nibambe amasiko enawafundiswa, noma ngezwi noma ngencwadi yethu.
Masibambe isivumo sokholo lwethu, singantengantengi; (ngokuba uthembekile lowo owethembisayo;)
Ngokuba senziwe abahlanganyeli bakaKristu, uma sibambelela ngokuqinile ekuqaleni kwethemba lethu kuze kube sekupheleni;
Ngakho lokhu silompristi omkhulu odabule emazulwini, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambe isivumo sethu.
Ngakho-ke, bathandekayo, njengokuba nazi lokho ngaphambili, xwayani ukuba nidukiswe nokuduka kwababi, niwe ekuqineni kwenu.