Nanjengalokho bengathandanga ukuba nokwazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni eyonakeleyo, ukuba benze okungafanele;
KuThithu 1:16 - Baasraak Zulu New Testament Bible Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu; kodwa bayamphika ngemisebenzi, benengekayo, nabangalaleliyo, nakuyo yonke imisebenzi emihle bengaboshiwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho. IsiZulu 2020 Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza. Contemporary Zulu Bible 2024 Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu; kodwa bayamphika ngemisebenzi, benengekayo, nabangalaleliyo, nakuyo yonke imisebenzi emihle bengaboshiwe. |
Nanjengalokho bengathandanga ukuba nokwazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni eyonakeleyo, ukuba benze okungafanele;
Makungabikho onikhohlisayo ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.
sisazi lokhu ukuthi umthetho kawumiselwe olungileyo, kodwa ongelamthetho, labangalaleliyo, abangamesabi uNkulunkulu, lezoni, abangcolileyo, labangcolileyo, ababulali oyise, ababulali babonina, ababulali;
Kepha uma umuntu engabondli abakhe, ikakhulu abendlu yakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.
Bakhumbuze ukuba bathobele izikhulu namandla, balalele izinduna, balungele yonke imisebenzi emihle;
Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sikhohliswa, sikhonza izinkanuko nezinjabulo ezihlukahlukene, siphila ebubini nomhawu, sizondwa, sizondana.
Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, neqiniso alikho kuye.
Ngokuba sekungene ngokunyenya abantu abathile, abamiselwa ngaphambili lokhukulahlwa ngaphambili, abangamesabi uNkulunkulu, abaphendula umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa uNkulunkulu wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu.
Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.
Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.