USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.
KumaHeberu 3:12 - Baasraak Zulu New Testament Bible Xwayani, bazalwane, ukuba kungabikho kinina kini inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa uNkulunkulu ophilayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo; IsiZulu 2020 Bazalwane, qaphelani ukuba kungabi bikho nakoyedwa inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo, Contemporary Zulu Bible 2024 Xwayani, bazalwane, ukuba kungabikho kinina kini inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa uNkulunkulu ophilayo. |
USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.
Kepha ziqapheleni nina, ngokuba bayakuninikela emikhandlwini; niyakushaywa emasinagogeni, niyiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.
Xwayani funa kube khona oniphanga ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize, ngokwesiko labantu, ngezifundiso zokucathula zezwe, kungengokukaKristu.
Ngokuba bona uqobo babika ngathi ukungena kwethu kini, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, niphuma ezithombeni, nikhonza uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;
Kepha olungileyo uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyikuthokoza ngaye.
nibhekisise kungabikho osilela umusa kaNkulunkulu; funa kumile impande yokubaba inikhathaze, kungcoliswe abaningi ngayo;
Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.
Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;
Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, eningabahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini, cabangani ngomphostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu, uKristu Jesu;
Ngakho-ke ngaba lusizi ngaleso sizukulwane, ngathi: Bahlala beduka ezinhliziyweni zabo; futhi abazazi izindlela zami.
Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?