(Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)
IzEnzo 19:2 - Baasraak Zulu New Testament Bible Wathi kubo: “Namukele uMoya oNgcwele selokhu nakholwa na? Base bethi kuye: “Asikaze sizwe ukuthi kukhona uMoya oNgcwele.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE wathi: “Namamukela yini uMoya oNgcwele mhla nikholwayo na?” Bathi kuye: “Qhabo, asizwanga nokuzwa ukuba kukhona uMoya oNgcwele.” IsiZulu 2020 wathi kubo: “Namamukela yini uMoya oNgcwele mhla nikholwa na?” Kepha bathi kuye: “Qha, asikaze sizwe nakuzwa ukuthi kukhona uMoya oNgcwele.” Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kubo: “Namukele uMoya oNgcwele selokhu nakholwa na? Base bethi kuye: “Asikaze sizwe ukuthi kukhona uMoya oNgcwele.” |
(Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)
UPetru esakhuluma lawo mazwi, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo bonke ababelizwa izwi.
“Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina, usho uJehova, ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, nezinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;
Ngokuba ngilangazelela ukunibona, ukuze nginabele isipho esithile somoya, ukuze niqiniswe;
Yini? Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?
Ngakho yena oniphayo uMoya nowenza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?