UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.
IzEnzo 13:6 - Baasraak Zulu New Testament Bible Sebedabule isihlenge baze bafika ePhafosi, bafumana indoda ethile eyisanusi, umprofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe linguBarjesu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sebedabule isiqhingi sonke, baze bafika ePhafu, bafumana indoda ethile eyisanusi nomprofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe linguBarjesu, IsiZulu 2020 Sebedabulile esiqhingini sonke, baze bayofika ePhafu, bafumana indoda thize lapho eyabe ingumlumbi nomphrofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe kunguBharjesu, Contemporary Zulu Bible 2024 Sebedabule isihlenge baze bafika ePhafosi, bafumana indoda ethile eyisanusi, umprofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe linguBarjesu. |
UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.
Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.
Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.
Bafika eJeriko; kwathi ephuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu oyimpumputhe, wayehlezi ngasendleleni enxiba.
Kwathi uPawuli labakanye laye besuka ePafosi, bafika ePerga esePhamfiliya; kodwa uJohane wasuka kubo wabuyela eJerusalema.
Kodwa uElimasi isanusi (ngokuba linjalo ibizo lakhe ngokuhunyushwa) wamelana labo, efuna ukuphambukisa umbusi ekholweni.
Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu.
Njengoba uJane loJambre bamelana loMozisi, ngokunjalo laba bamelana leqiniso, abantu abalengqondo eyonakeleyo, abalamandla ekukholweni.
Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.
Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.