IzEnzo 10:9 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngangomuso besahamba, besondela emzini, uPetru wakhuphukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngangomuso besahamba labo, sebesondela emzini, uPetru wenyukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha. IsiZulu 2020 Kuthe ngakusasa besahamba labo, sebesondela emzini, uPhethro wenyukela phezu kwendlu ukuba ayokhuleka ngehora lesithupha. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngangomuso besahamba, besondela emzini, uPetru wakhuphukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha; |
Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.
Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala.
Ekuseni kusesekuseni kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona.
Wabona embonweni ngokusobala, kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini ingelosi kaNkulunkulu iza kuye, ithi kuye: “Korneliyu!”
ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;
Ngakho-ke ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, ngaphandle kolaka nokungabaza.