IzEnzo 1:4 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi esebuthene labo, wabalaya ukuthi bangasuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaBaba, elasizwa ngami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kwathi ehlangene nabo, wabayala ngokuthi: “Ningamuki eJerusalema, kodwa nihlalele isithembiso sikaYise enasizwa ngami. IsiZulu 2020 Kwathi esahleli nabo, wabayala ukuba bangamuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaYise abasizwe ngaye. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi esebuthene labo, wabalaya ukuthi bangasuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaBaba, elasizwa ngami. |
Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele na?
Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kepha hlalani emzini waseJerusalema, nize nembathiswe amandla avela phezulu.
Kodwa nxa esefikile uMduduzi, engizamthuma kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, yena uzafakaza ngami.
(Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)
Hhayi kubantu bonke, kodwa kubofakazi abakhethwe ngaphambili nguNkulunkulu, kithina esadla, saphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo.
Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje.