Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 2:33 - Baasraak Zulu New Testament Bible

33 Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

33 Ngakho-ke waphakanyiselwa ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esemukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuthululile lokhu enikubonayo nenikuzwayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 2:33
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.


Khona emva kokuba iNkosi isikhulumile kubo, yenyuselwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kepha hlalani emzini waseJerusalema, nize nembathiswe amandla avela phezulu.


Ngiyakucela kuBaba, aninike omunye uMduduzi, ukuze ahlale kini phakade;


Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa zonke izinto, anikhumbuze konke enginitshele khona.


Kodwa nxa esefikile uMduduzi, engizamthuma kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, yena uzafakaza ngami.


Manje-ke, Baba, ngikhazimulise kuwe ngokwakho ngenkazimulo enganginayo ngikuwe izwe lingakabikho.


Kwathi esebuthene labo, wabalaya ukuthi bangasuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaBaba, elasizwa ngami.


Abasokile abakholwayo ababeze noPetru bamangala, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe.


“Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina, usho uJehova, ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, nezinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;


yena uNkulunkulu wamphakamisa ngesandla sakhe sokunene abe nguMbusi noMsindisi, ukuze anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


Futhi ithemba alijabhisi; ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.


ukuze isibusiso sika-Abrahama sibe phezu kwabezizwe ngoKristu Jesu; ukuze samukele isithembiso sikaMoya ngokukholwa.


enimethembayo nani, seselizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu;


Ngakho uthi: Esenyukele phezulu, wathumba abathunjwa, wapha abantu izipho.


eyasithululela phezu kwethu ngokuchichimayo ngoJesu Kristu uMsindisi wethu;


Kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono phakade, wahlala phansi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;


Kepha siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa; ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.


enikholwa ngaye kuNkulunkulu owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo; ukuze ukholo lwenu nethemba libe kuNkulunkulu.


Owenyukela ezulwini, ongakwesokunene sikaNkulunkulu; izingelosi, namandla, namandla, kuthotshiswe phansi kwakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka