IsAmbulo 8:1 - Baasraak Zulu New Testament Bible Lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwaba khona ukuthula ezulwini kwangaba yingxenye yehora. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuthe ukuba liluvule uphawu lwesikhombisa, kwathi du ezulwini kungathi inxenye yehora. IsiZulu 2020 Kuthe lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwathi cwaka ezulwini cishe ingxenye yehora. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwaba khona ukuthula ezulwini kwangaba yingxenye yehora. |
Ngase ngibona esandleni sokunene salowo ohlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelwe ngezimpawu eziyisikhombisa.
Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;
Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu, ngezwa esinye sezidalwa ezine eziphilayo sithi, njengezwi lokuduma: “Woza ubone!
Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu; ilanga laba mnyama njengendwangu yesaka yoboya, nenyanga yaba njengegazi;
Lapho livula uphawu lwesibili, ngezwa isidalwa sesibili esiphilayo sithi: Woza ubone.
Lapho livula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu esiphilayo sithi: Woza, ubone. Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimnyama; nohlezi phezu kwalo wayephethe isikali esandleni sakhe.
Lalapho selivule uphawu lwesine, ngezwa ilizwi lesidalwa sesine lithi: Woza ubone.
Lapho livula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.