Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungayikusindiswa nyama, kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.
IsAmbulo 7:3 - Baasraak Zulu New Testament Bible esithi: Lingawoni umhlaba, lolwandle, lezihlahla, size sibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE yathi: “Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.” IsiZulu 2020 yathi: “Ningawoni umhlaba, noma ulwandle noma izihlahla, size sizibeke uphawu emabunzini izinceku zikaNkulunkulu wethu.” Contemporary Zulu Bible 2024 Esithi: Lingawoni umhlaba, lolwandle, lezihlahla, size sibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo. |
Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungayikusindiswa nyama, kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.
Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.
Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.
Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zikaNkulunkulu, nisitholile isithelo senu kube ngubungcwele, nokugcina ukuphila okuphakade.
Lenza ukuthi bonke, abancane nabakhulu, abacebile nabampofu, abakhululekileyo nezigqila, babe nophawu esandleni sabo sokunene noma emabunzini abo;
Nokuba kungabikho muntu othenga noma athengise, kuphela onophawu, igama lesilo, noma isibalo segama laso.
Ngase ngibona, bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama likaYise lilotshwe emabunzini abo.
Ingelosi yesithathu yabalandela, isithi ngezwi elikhulu: “Uma umuntu ekhuleka isilo nomfanekiso waso, amukele uphawu ebunzini lakhe, noma esandleni sakhe,
Ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe, ngokuba usahlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, waliphindisela igazi lezinceku zakhe esandleni saso.
Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlezi phezu kwazo, banikwa ukwahlulela; ngase ngibona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi bukaJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nabangazange bakhulekele isilo noma isilo. umfanekiso wakhe, bengalutholanga uphawu emabunzini abo, noma ezandleni zabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.
Ngase ngizwa izwi phakathi kwezidalwa ezine eziphilayo, lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu, neziseya ezintathu zebhali ngodenariyu; futhi ungawoni amafutha newayini.
Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibambe imimoya yomine yomhlaba, ukuze kungavuthuzi moya emhlabeni, naphezu kolwandle, naphezu kwanoma yisiphi isihlahla.
Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezazinikiwe ukuba zilimaze umhlaba nolwandle.
Kwasekulaywa ukuthi zingoni utshani bomhlaba, loba yini eluhlaza, loba yisiphi isihlahla; kodwa yilabo kuphela abantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.