USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.
IsAmbulo 7:2 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezazinikiwe ukuba zilimaze umhlaba nolwandle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa ukuba ziwone umhlaba nolwandle, IsiZulu 2020 Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa amandla okuba ziwone umhlaba nolwandle, Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezazinikiwe ukuba zilimaze umhlaba nolwandle. |
USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.
Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.
Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;
Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.
Ngokuba bona uqobo babika ngathi ukungena kwethu kini, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, niphuma ezithombeni, nikhonza uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;
Nokho isisekelo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu: INkosi iyabazi abangabayo. Futhi, Wonke obiza ibizo likaKristu kadede ebubini.
Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.
Ubusisiwe ofundayo, nabawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze.
Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini, yembethe ifu, kunothingo ekhanda layo, nobuso bayo bunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo;
Kwathi imidumo eyisikhombisa isikhulume amazwi ayo, ngase ngizakuloba, ngezwa ilizwi livela ezulwini lithi kimi: Vala ngophawu lokho okushiwo yimidumo eyisikhombisa, ungakulobi.
Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu u-Ewufrathe; amanzi awo atsha, ukuze ilungiswe indlela yamakhosi asempumalanga.
Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: Ngubani ofanele ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo na?
Kwafika enye ingelosi, yema ngase-altare, inesitsha segolide sempepho; yanikwa impepho eningi ukuba iyinikele kanye nemithandazo yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.
Lithi engelosini yesithupha enecilongo: “Thukulula izingelosi ezine eziboshwe emfuleni omkhulu u-Ewufrathe.
Kwasekulaywa ukuthi zingoni utshani bomhlaba, loba yini eluhlaza, loba yisiphi isihlahla; kodwa yilabo kuphela abantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.