Kodwa uJesu ephendukela kubo wathi: Madodakazi aseJerusalema, lingangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni lina labantwana benu.
IsAmbulo 5:5 - Baasraak Zulu New Testament Bible Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.” IsiZulu 2020 Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.” Contemporary Zulu Bible 2024 Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa. |
Kodwa uJesu ephendukela kubo wathi: Madodakazi aseJerusalema, lingangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni lina labantwana benu.
Bathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Wathi kuzo: “Ngokuba bayithathile iNkosi yami, futhi angazi lapho abayibeke khona.
Mayelana neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu, owavela enzalweni kaDavide ngokwenyama;
Futhi futhi u-Isaya uthi: Kuyakuba khona impande kaJese, futhi oyakuvuka abuse phezu kwabezizwe; abezizwe bazathembela kuye.
Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu yavela kwaJuda; isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.
Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe okumelwe ukwenzeka masinyane; wathumela ngengelosi yakhe wabonakalisa encekwini yakhe uJohane.
Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Mina ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ekhanyayo.
Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.
Amalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kwalowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade, ephonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:
Isihlalo sobukhosi sasihanqe izihlalo zobukhosi ezingamashumi amabili nane, naphezu kwezihlalo zobukhosi kuhlezi amalunga angamashumi amabili nane, embethe izingubo ezimhlophe; babenemiqhele yegolide emakhanda abo.
Ngakhala kakhulu, ngokuba kungafunyanwanga muntu ofanele ukuyivula nokuyifunda incwadi, nokubheka kuyo.
Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu, ngezwa esinye sezidalwa ezine eziphilayo sithi, njengezwi lokuduma: “Woza ubone!
Omunye wamalunga waphendula, wathi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani na? bavela ngaphi na?