IsAmbulo 22:8 - Baasraak Zulu New Testament Bible Mina Johane ngabona lezizinto nozizwayo. Kwathi sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi eyayingibonise lezi zinto. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina Johane nginguye owezwa nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezo zinto. IsiZulu 2020 Mina Johane nginguye owezwa, nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, ngabona, ngathi mbo phansi ngobuso ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombise lezo zinto. Contemporary Zulu Bible 2024 Mina Johane ngabona lezizinto nozizwayo. Kwathi sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi eyayingibonise lezi zinto. |
Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe okumelwe ukwenzeka masinyane; wathumela ngengelosi yakhe wabonakalisa encekwini yakhe uJohane.
UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo; nakuMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi;
Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;
Ngase ngibona isilo, namakhosi omhlaba, namabutho awo, ebuthene ukuba alwe nohlezi ehhashini, nebutho lakhe.