Kepha waphendula wathi: “Zonke izithombo ezingatshalwanga nguBaba osezulwini ziyakusishulwa.
IsAmbulo 22:18 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba ngiyafakaza kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi, uma umuntu enezela kulezizinto, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshwe kule ncwadi; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyafakaza mina kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi; uma ekhona owenezela kulokhu, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshiwe kule ncwadi; IsiZulu 2020 Ngiyafakaza kubo bonke abezwa amazwi esiphrofetho sale ncwadi. Uma kukhona owenezela kuwo, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupheko ezilotshwe kule ncwadi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngiyafakaza kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi, uma umuntu enezela kulezizinto, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshwe kule ncwadi; |
Kepha waphendula wathi: “Zonke izithombo ezingatshalwanga nguBaba osezulwini ziyakusishulwa.
Ngakho-ke lokhu ngiyakusho, ngifakaza eNkosini, ukuthi ningabe nisahamba njengabanye abezizwe ebuzeni bengqondo yabo;
ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza.
Ubusisiwe ofundayo, nabawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze.
Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini, esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina; ngoba ulaka lukaNkulunkulu lugcwaliswa ngazo.
Izingelosi eziyisikhombisa zaphuma ethempelini, zinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ilineni elihlanzekile nelimhlophe, zibophe izifuba zazo amabhande egolide.
Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.
USathane owabadukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga, futhi bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.
Noma ngubani ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.
Yathi kimi: “Ungavali ngophawu amazwi esiprofetho sale ncwadi, ngokuba isikhathi siseduze.
Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Mina ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ekhanyayo.
Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi, ngokuba ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaprofethi, nabagcina amazwi ale ncwadi;
Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisile, isiqalo sokudaliweyo kukaNkulunkulu;