Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini, yembethe ifu, kunothingo ekhanda layo, nobuso bayo bunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo;
IsAmbulo 18:21 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ingelosi enamandla yafukula itshe elinjengelokusila elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu, yaliphonsa elwandle, yathi: “Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa. IsiZulu 2020 Ingelosi enamandla yaqukula itshe lokugaya elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Liyakwenziwa kanjalo iBhabhiloni umuzi omkhulu, liphonswe ngamandla, lingabe lisatholakala nanini. Contemporary Zulu Bible 2024 Ingelosi enamandla yafukula itshe elinjengelokusila elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa. |
Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini, yembethe ifu, kunothingo ekhanda layo, nobuso bayo bunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo;
emi khatshana ngokwesaba ukuhlutshwa kwalo, esithi: Maye, maye, umuzi omkhulu iBhabhiloni, umuzi onamandla! ngoba ngehora elilodwa ukwahlulela kwakho kufike.
Izwi lababetha amahabhu, nabahlabeleli, nabashaya imitshingo, nabamacilongo alisayikuzwakala kuwe nakanye; kayisayikutholwa kuwe ngcweti yanoma yimuphi umsebenzi oyiwo; umsindo wetshe lokugaya awusayikuzwakala kuwe nakanye;
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekela ubuso bakhe nezulu; kabafunyanwanga indawo yabo.
Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: Ngubani ofanele ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo na?