Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona.
IsAmbulo 16:18 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani; kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu okungazange kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okunamandla okungaka, okungaka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, kwaba khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okungazange kube khona okunjalo, selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okukhulu kangaka. IsiZulu 2020 Kwase kuba khona imibani, amazwi, ukuduma, nokuzamazama komhlaba okukhulu okwakungakaze kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani; kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu okungazange kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okunamandla okungaka, okungaka. |
Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona.
Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, nengxenye yeshumi yomuzi yawa, kwabulawa ukuzamazama komhlaba abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa;
Kwavulwa ithempeli likaNkulunkulu ezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe, kwaba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.
Esihlalweni sobukhosi kuphuma imibani, nokuduma, namazwi, nezibani zomlilo eziyisikhombisa zivutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu.
Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu; ilanga laba mnyama njengendwangu yesaka yoboya, nenyanga yaba njengegazi;
Ingelosi yasithatha umcengezi wempepho, yawugcwalisa ngomlilo we-altare, yawuphonsa emhlabeni; kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani, nokuzamazama komhlaba.