IsAmbulo 14:15 - Baasraak Zulu New Testament Bible Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu kohlezi efwini, ithi: “Faka isikela lakho uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile; ngoba isivuno somhlaba sesivuthiwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Enye ingelosi yayisiphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohlezi phezu kwefu: “Faka isikela lakho, uvune, ngokuba kufikile isikhathi sokuvuna, ngokuba sekomile okuvunwayo komhlaba.” IsiZulu 2020 Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohleli phezu kwefu: “Sebenzisa isikela lakho, uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile, futhi isivuno somhlaba sesilungile.” Contemporary Zulu Bible 2024 Enye ingelosi yaphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu kohlezi efwini, ithi: “Faka isikela lakho uvune, ngokuba isikhathi sokuvuna sesifikile; ngoba isivuno somhlaba sesivuthiwe. |
Isitha esawuhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.
Kodwa nxa isithelo sesivuthiwe, alifake masinyane isikela, ngoba ukuvuna sekufikile.
besenqabela ukuthi sikhulume kwabezizwe ukuze basindiswe, bagcwalise izono zabo njalonjalo;
Kwavulwa ithempeli likaNkulunkulu ezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe, kwaba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.
Sasebenzisa onke amandla esilo sokuqala phambi kwaso, senza umhlaba nabakhileyo kuwo ukuba bakhulekele isilo sokuqala, esinxeba laso elibulalayo lelashwa.
Ngase ngibona, bheka, ifu elimhlophe, naphezu kwefu kwakuhlezi ofana neNdodana yomuntu, enomqhele wegolide ekhanda layo, nasesandleni sakhe isikela elibukhali.
Kwaphuma enye ingelosi e-altare, inamandla phezu komlilo; yamemeza ngezwi elikhulu kophethe isikela elibukhali, yathi: “Faka isikela lakho elibukhali, ubuthe amahlukuzo omvini womhlaba; ngoba izithelo zayo sezivuthiwe.
Izingelosi eziyisikhombisa zaphuma ethempelini, zinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ilineni elihlanzekile nelimhlophe, zibophe izifuba zazo amabhande egolide.
Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni; kwavela izwi elikhulu ethempelini lasezulwini, livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.”
Base bememeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Nkosi, ongcwele noqinisileyo, ungahluleli uphindisele igazi lethu kwabakhileyo emhlabeni na?